ZILOKHU zichazeke njalo izakhamuzi zakuleli selokhu zibone umengameli wakuleli ethula inkulumo yakhe izolo ebusuku. UMengameli Cyril Ramaphosa obuye abenesidlaliso esithi “Cupcake” akukho okwehlukile akwenze izolo ngaphandle kokugqoka isudi kanokusho kodwa kubukeka sengathi amakha awasebenzisile amakhele ugazi. Abantu abawuvali umlomo ngogazi ebebukeka enalo kuthelevishini babodwa abathi mhlambe ubefake iziphaqulo.
Ngokujwayelekile igama elithi “Cupcake” lisebenza kakhulu uma inkulumo yakhe imemezele ukuxegiswa kweminye yemithetho kathaqa okubalwa nokudayiswa kotshwala. Izolo ebusuku akamemezelanga nje ukuvumeleka kokudayiswa kotshwala kuphela kodwa nesibonelelo sabangasebenzi sikaR350 esibuyile. Nokungaqondakali noma lezi zincomo ezingaka azithola ezinkundleni zokuxhumana zihambisana nenjabulo yezinye zezinto ezibuyayo kubantu.
Abanye bathi vele uRamaphosa uyigeza yikhona nje ukuthi selokhu kwaba nezinkinga zobhubhane lweCovid-19 uhlala ephethe izindaba ezimdumazayo nokwenza abantu bangabe besabona nobuhle. Ezinye zezithombe ezithathwe abantu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe zilokhu zijikeleze njalo emakhasini ahlukene kwiFacebook. Nabantu kwiTwitter, bebelokhu bebabaze njalo, bemncoma nangendlela ebemuhle ngayo ethula inkulumo.