ATHUKUTHELE athelwa ngamanzi amaNazaretha aseThembezinhle ecikwa ukuhlehliswa kwesimemezelo somholi ozongena ezicathulweni zenkosi ekhotheme uVela “Imisebeyelanga” Shembe.
Izolo amalungu aleli bandla abefike ngobuningi bawo, eqhamuka ezindaweni ezahlukene njengoba bekulindeleke ukuthi kumenyezelwe igama lomholi omusha.
Ummeli weMisebeyelanga, uMnuz Trevor Nkosi, obebhekwe ngabomvu ukuthi amemezele igama, ucasule ibandla esekuhlehlisa ukumenyezelwa komholi.
Yize ekuvezile ukuthi igama lomholi banalo kodwa kunokuthile edinga ukucubutshungulwa.
“Ngalokho ngizocela ukuthi isimemezelo sihlehliswe kancane. Isizathu ukuthi sisafuna ukuqinisekisa ukuthi sihambisa ngokwezwi lenkosi Imisebeyelanga,” kusho uNkosi.
Uthe kunezinto okusamele bazihlonze ngaphambi kokukhipha isimemezelo.
Uthe eqeda kwaba nemvunge kumalungu ebandla, ekhombisa ukunganeliseki ngakuzwayo.
Iningi lizwakale likhuluma lodwa lishingila, lishiya abefundisi bemile. Abanye besifazane bazwakale benxapha bekhala ngokwenziwa izilima.
“Ayikho le nto, umsangano wodwa lo. Saze saphoxeka. Yinto obekumele bayikhulume bodwa le, bangasibizeli ubala. Yekanini sesihlale kangaka, silinde umbhedo,” kusho omunye wesifazane.
Amadoda abeseqalile ukuma izixongololo, ecasukile nawo.
Enye ebisikhumule nomjiva, ithe isiyahamba iyobuka iKaizer Chiefs ne-Ajax Cape Town eMoses Mabhida kunokuhlalela umbhedo.
Kukhona abaveze ukuthi bavuke ngovivi besuka kude ngoba befuna ukuzibonela umholi wabo olandelayo.
Kuleso siphithiphithi abanye bese bekhumule imijiva behamba bezisula ngayo beya ngasezimotweni, bethi abasangeni enkonzweni yasemini ngenxa yokucasuka.
Kukhona abagxeke okhulumela ibandla uMnuz Nkululeko Mthethwa, bethi wayekuthathaphi ukuthi kuzomenyezelwa umholi izolo.
Umfundisi uPhiwanini Zondo uzamile ukuncenga ibandla ukuthi lehlise umoya.
UNkosi baphinde bampheka ngebhodwe elincane bemtshela ukuthi bazoba nenkinga njengoba kuzoyiwa entabeni iNhlangakazi ngoJanuwari, bazoya kanjani bengenaye umholi.
Ubathembise ukuthi ngeke ufike uJanuwari lingamenyezelwe igama kodwa akanalo usuku oluqondile elizomenyezelwa ngalo.