KUDINGEKE ukuthi babuyiselwe emakhaya abafundi basesikoleni iQhosheyithethe Primary eSundwini, eFolweni izolo ekuseni, ngemva kokuthi othisha bengafikanga.
Lokhu kubangelwe wukuthi izimoto zothisha bezibhajwe odakeni, emgwaqweni owubhuqu ongenela esikoleni nokudalwe yimvula ebeyidliva.
Othisha, ngokubambisana namalungu omphakathi, babe sebeqhinqa kulo mgwaqo bephethe izingqwembe ezinemibhalo befuna ukuba ulungiswe. Bathi umgwaqo uphula izimoto zabo, futhi kulukhuni satshe ukufinyelela esikoleni uma kunodaka emgwaqweni. Basabise ngokuthi bazoqhubeka baqhinqe, baze bathole izimpendulo.
Ilungu lomphakathi uMnuz Vukani Njapha, lithe abafundi babuyiselwe emakhaya futhi bayabeseka othisha kwabakhala ngakho.
“Izimoto azikwazi ukufinyelela esikoleni uma linile. Le nto isiyenzeke isikhathi eside sithenjiswa ukuthi umgwaqo uzolungiswa okuze kube yimanje, akwenziwe lutho. Uma bebhikisha othisha, sizobeseka,” kusho uNjapha.
Lo mhlali uthe labikelwa ikhansela ngenkinga ebhekana nothisha nezakhamuzi uma lina izulu okuze kube manje basalinde izimpendulo.
Ikhansela lendawo kuward 95 kuMasipala weTheku, uMnuz Thokozani Xulu, licele ukubuye lithintwe ngoba belivaleleke emhlanganweni wamakhansela womkhandlu obuyizolo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe kabathandi kube nokuphazamiseka ohlelweni lokufunda nokufundisa kodwa akukho abangakwenza ngoba lolu daba luthinta ezokuthutha.
UMthethwa uthe inkinga ithinta nesimo sezulu okuyimvelo engeke kwenziwe lutho ngayo.