KUFE abantu abawu-21 ngesikhathi abashokobezi bevimbezela abantu ehhotela eNairobi, eKenya.
Izolo uMengameli waseKenya, uMnuz Uhuru Kenyatta udlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abawu 14 ababulawe abashokobezi be-al Shabab.
UKenyatta uthe bonke abashokobezi babulewe futhi ukufika kwamasosha kusindise abantu abawu 700 abakhishwe kuleli hhotela.
Bawu 50 abantu abangaziwa ukuthi bashonephi.
Khona manjalo iDA ithi uhulumeni waseNingizimu Afrika kufanele asize abantu baseZimbabwe ukuthi baxazulule izinkinga ababhekene nazo emuva kokuqubuka kwemibhikisho kaphethroli njengoba ilitha selibiza uR40 kuleliya lizwe.
UMnuz Stevens Mokgalapa obhekelele ezangaphandle kwiDA uthe kuyishwa ukuthi abantu baseZimbabwe bayahlukunyezwa kodwa uhulumeni waseNingizimu Afrika azikho izinyathelo ozithathayo.
“Njengoba uMengameli waseZimbabwe eseDavos kusele iPhini lakhe uGeneral Constatino Chiwenga udedele amasosha ukuthi ashaye bonke ababhikishayo. Kubi ukuthi uNgqongqoshe wezangaPhandle uNksz Lindiwe Sisulu athi bayayibona imibhikisho yaseZimbabwe noNgqongqshe weziMali uMnuz Tito Mboweni athi amazwe awayeke ukunswinya iZimbabwe. Siyazwelana nabantu baseZimbabwe,” kusho uMokgapala.