UTHUKUTHELE wagana unwabu umndeni wesalukazi ebisuwumbhishobhi ebesibuye silahlekelwe wumqondo ‘esibulewe’ womakhelwane ngoba besisola ngokuthi siyahambahamba eShongweni Dam.
UNkk Esther Magwaza (88) obengumbhishobhi ebandleni iNew Light Salem Church of God eNdwedwe ubulawe entathakusa yangoMsombuluko. Kuthiwa ubejwayele ukuthi uma esevukwe yisifo sokulahlekelwa yingqondo ngenxa yobudala ahambe elele.
Indodakazi kamufi, uNkk Neli Ntaka, ithe namanje ayikakholwa wukuthi unina ubulawe ngesihluku esingaka.
Uthe ubenezinyanga ezimbili esuke eNdwedwe, nakhona bemlandele ukuthi azogadwa kahle.
“Umama ubenenkinga yokukhohlwa, kube sengathi ulahlekelwa wumqondo. Ngisho emini ubehlala egadiwe ngoba ubephuma ahambe. Ubelala nabazukulu abangamzwanga ngesikhathi ephuma endlini ngezithuba zabo-2 entathakusa.”
Uthe bahlukane naye beyomlalisa ngeSonto ngabo-6 ntambama. Isango alikhiywanga ebusuku ngenxa yokuthi kunelungu lomndeni ebelingakabuyi ekhaya. Kuthiwa umufi wavuka wayongqongqoza emzini obude buduze nasekhaya, bacabanga ukuthi uyathakatha.
UMTHOLE esebanda umndeni wakhe uNkk Esther Magwaza okuthiwa ‘ubulawe’ womakhelwane ngoba bemsolwa ngokuthi uyathakatha Isithombe:SITHUNYELWE
“Sivuke ngabo-5 ekuseni kuvuliwe emnyango umama engekho. Kuthe sisahlaba umkhosi, satshelwa ukuthi kunesalukazi esibulewe. Siye khona safika esevele eseshonile. Ubesekhunyulwe isiketi kodwa egqokile ngenhla. Kudingeke ngimbophe ngendwangu ngibuyisele umhlathi obulenga, inhlafuno ihlukene phakathi.”
Uthe amehlo kamufi abevuza igazi ngendlela abelimele ngayo.
Uthe akazi ukuthi ushaywe ngani ngoba bafike esethule.
“Okusimangazayo wukuthi umama uyaziwa ukuthi unokulahlekelwa wumqondo. Bebengaze bambulale engahlome ngalutho? Laba abasolwayo wumndeni owodwa esithola ukuthi uthi ubungamazi endaweni. Le nto icasule ngisho umphakathi. Yihlazo ukubulawa kombhishobhikazi. Nami ngiwumfundisi kodwa sesibhekene naleli hlazo.”
Oyilungu lomkhandlu olwa nobugebengu emphakathini, uMnuz Thami Mzimela, uthe sibacasulile isenzo. Naye wabikelwa sekwenzekile.
“Akuboshwe muntu kodwa siyathemba ukuthi kukhona abazoboshwa. Kumele kwenzeke ubulungiswa ngoba ugogo uyaziwa ukuthi ubebalekelwa wumqondo. Ngitshelwe ukuthi waficwa enqunu kodwa watholakala egqokile,” kusho uMzimela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe isidumbu sowesifazane sitholakale entathakusa eBalokwakhe Road eShongweni Dam. Kuphenywa icala lokubulala.