BAVELE enkantolo yaseThekwini izolo abasolwa abathathu abatholwe nezinkomo ezebiwe sebezihlinzile eMalukazi ngaseSiphingo eThekwini.
Abasolwa abaneminyaka engu-33 no-36 banecala lokwebiwa kwemfuyo.
Idokodo lecala lisagcinwe enkantolo, Isolezwe alizange lithole ukuthi icala lihlehliselwe nini.
Abasolwa baboshwe ngoMsombuluko wuphiko lwe-K9 lwamaphoyisa aseMlaza.
Abasolwa baficwe amaphoyisa behlezi ngaphandle kwendlu, esemgwaqweni uNtshebeyembuzi, khona eMalukazi. Kule ndlu kuthiwa bekugcwele inyama yenkomo, abasolwa bephethe imimese ivuza igazi, nezimpahla abazigqokile zigcwele igazi.
Isolezwe lithole ukuthi abasolwa bebematasa behlinza izinkomo ezine.
Izinkomo ngokophenyo lwamaphoyisa zibulawe eNanda zathuthelwa eMalukazi seziyohlinzwa khona.
Akwaziwa ukuthi abasolwa bebezoyenzani inyama kodwa kunezinsolo zokuthi ibizodayiswa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
“Amaphoyisa athole ulwazi ngabasolwa, abe eseya komunye umuzi osemgwaqweni uNtshebeyembuzi eMalukazi. Ngesikhathi kuseshwa indlu kutholakale inyama yezinkomo ezine ezihlinziwe, kutholakale nezikhumba zezinkomo. Uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi zibulawe eNanda zahlinzwa eMalukazi. Abasolwa abathathu abaneminyaka engu-33 no-36 baboshelwe icala lokweba imfuyo. Bavele namhlanje (izolo), enkantolo yaseThekwini.Olunye uphenyo lusaqhubeka,” kusho uCap. Gwala.
Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal u-Lieutenant General Khombinkosi Jula, uncome umsebenzi wamaphoyisa ophiko lwe-K9 eMlaza ngokubopha abasolwa ngokushesha. Amaphoyisa anxuse abanolwazi ngokwebiwa kwemfuyo ukuba babikele amaphoyisa ngokushesha ukuze kuboshwe abagila lo mkhuba eKZN.