KUSAPHAZEKE phansi emgwaqweni izinhloko zezinkomo nezikhumba ngesikhathi kugingqika imoto okusolwa ukuthi ibibaleka nezinkomo ezintshontshwe eMzimkhulu.
Kuboshwe abalisa abathathu abebekule moto egingqike nezinkomo eWestville, eThekwini, izolo.
Ukusebenzisana kwamaphoyisa kuzale impumelelo njengoba ekwazile ukuthola imoto ebintshontshiwe nemfuyo ebithwelwe yile moto.
Lawa maphoyisa okukhona kuwo ithimba lamaphoyisa aseMgungundlovu, ophiko lokulwa nokuntshontshwa kwemfuyo, iMagma Security, amaphoyisa aseWestville nophiko lwezinja akwazile ukumpintshela ekhoneni imoto iFord Ranger, okuthiwa ibihamba ngesivinini esiphezulu endaweni yaseWestville.
Le moto ibijahwa amaphoyisa kusukela eXobho, kuthe isisemgwaqweni uQueen kuM13 imoto ebihamba abasolwa yagingqika.
Kuvele kwasaphazeka emgwaqweni izinhloko zezinkomo nezikhumba obekusemotweni.
Abayisithupha bebegibele emotweni babe sebebaleka ngezinyawo.
Abophiko lwezinja babe sebebajaha abasolwa, kwagcina kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka 29 no 41.
Uphenyo olusenziwe amaphoyisa luveza ukuthi imoto yebiwa ePhoyinti eThekwini ngoJanuwari 19, nonyaka. Izinkomo kusolwa ukuthi zebiwe eMzimkhulu.
Abanye abathinteka kula macala kulindeleke ukuba baboshwe maduze.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala amabili, elokweba imfuyo nelokutholwa nempahla okusolwa ukuthi intshontshiwe.
“Abasolwa bazovela eNkantolo yasePinetown namhlanje,” kusho uCapt Gwala.