BAVUKE indlobana bashisa amathangi amanzi esikole bekhala ngokugcwala ngokweqile emakilasini, abafundi baseMthengeni High eMandeni.
Laba bafundi abebethukuthele, izolo bavale umgwaqo ongena esikoleni bekhononda ngokushoda kwamakilasi. Bathi amakilasi akhona amumatha abafundi abeqile esibalweni esifanele, ukuze kuqhelelwane futhi akuhambisani nemigomo yokugwema ukubhebhetheka kweCovid-19.
Uthisha okhulume neSolezwe kepha ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe isikole sinabafundi abangu-1230 namakilasi ayisishiyagalolunye kuphela, wathi yikho okwenze abafundi bagoloza ukuqala ukufunda befuna umnyango ulungise lesi simo.
“Amakilasi ayisithupha enele abafundi baka-matric kuphela ngoba bangu-250 bebonke. Ngokomthetho ikilasi ngalinye kumele libe nabafundi abangu- 25 njengoba kugqugquzelwa ukuqhelelana. Asihambisani nokucekela phansi kwempahla okwenziwa abafundi, kodwa siyavumelana nokuthi ukugcwala ngokweqile kubeka impilo yethu sonke engcupheni,” kusho uthisha.
Uthe okunye okudala itwetwe, ukushona kukathishomkhulu wesikole ngoJuni nyakenye okuthiwa ubenezimpawu zobhubhane, nothisha obefundisa kuso oshone ngoDisemba. Kuthiwa isikhalo ngokushoda kwamakilasi sibikelwe umnyango kusuka ngo-2015.
Lo thisha uthe umnyango ubulokhu uthembisa ngokwakha kodwa kungenzeki okuthe ngonyaka odlule kugasela iCovid-19, wathembisa ukulethela lesi sikole amakilasi esikhashana angomahamba nendlwana.
Abafundi kuthiwa bashaya phansi ngonyawo bathi abalubeki esikoleni esakhelene nalesi, Inkwenkwezi High, okuthiwa uMnyango wezeMfundo wawubahlelele khona amakilasi amahlanu ngesikhathi besalinde ukuthi kuxazululwe udaba lokulethwa kwamakilasi angomahamba nendlwana.
Bathi isikole okuthiwa abaye kuso, siqhele ngamakhilomitha ayisithupha ukusuka esikoleni okutelekwa kuso. Bakhala nangamathangi okuthiwa selokhu afika awakaze afakwe amanzi, futhi bagcine sebethatha isinqumo sokuwangqongqisa ngomlilo.
Okhulumela umnyango uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe kuzophoqeleka ukuthi abafundi abacekela phansi impahla baboshwe, njengoba umnyango uzamile ukungenelela ngokubayisa esikoleni esingumakhelwane kodwa bayaqhubeka nokudlova.
“NgoLwesibili kuhlangane izikhulu zomnyango, abazali, othisha kwakhulunywa nabafundi bencengwa ukuthi bayeke umbhikisho kodwa bona bayaqhubeka. Isikole besinamakilasi anele okuthe ngokugasela kwalolu bhubhane kwaphoqa ukuthi kumele kube nemizamo yokwandiswa kwamakilasi. Ngakho-ke umnyango uhlela ukuthumela amakilasi esikoleni ungakapheli uMashi inkinga abafundi bawafuna manje okuyinto okungelula ukuthi yenzeke ngoba kunemigudu elandelwayo,” kusho uMthethwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe akukho okubikwe emaphoyiseni ngalolu daba.