ABASEBENZI basemakhazeni kahulumeni asemgwaqweni uMagwaza Maphalala obewaziwa ngoGale Street, eThekwini, baqungele imvula, izolo babhikishe ngaphandle kwawo. Bebekhala ngokuthi umnyango awubacabangelanga ngesikhathi uthatha isinqumo sokuthi amakhaza azothuthelwa ePhoenix.
Abasebenzi abangaphansi kwenyunyana yabasebenzi iPublic and Allied Workers Union of South Africa (Pawusa) bebesekwa ngamakhomanisi, eJohannes Nkosi District eThekwini.
UMnuz Sifiso Ngidi, oyiphini likanobhala wePawusa eThekwini, uthe udaba lokususwa kwamakhaza alulandelwanga ngendlela njengoba kumanje luyaqhubeka kodwa abasebenzi basamisiwe.
“Ukumiswa kwabasebenzi sikholwa wukuthi kwenziwa ngenhloso ngoba umnyango ufuna ukuthi wenze okuthandayo, engekho umuntu ozowuphazamisa ngokulokhu ebuza imibuzo. Laba basebenzi esikhuluma ngabo umnyango wabaxosha nyakenye. Ngenyanga edlule washintsha, wathi ababuye kodwa usabamisile. Umnyango wababeka amacala, amanye kuthiwa enzeka ngo-2006 kanti ngesikhathi bexoshiwe kwakuthiwe baxoshelwe ukuthi bazibandakanye nombhikisho ongekho emthethweni,” kusho uNgidi.
UMnuz Phumlani Mthembu weSACP, uthe abahambisani nokususwa kwamakhaza ayiswe ePhoenix ngenxa yokuthi asedolobheni, wonke umuntu uyakwazi ukufinyelela kuwo kalula.
“Uma esePhoenix kuzodingeka ukuthi umuntu agibele kabili noma kathathu,” kusho uNgidi.
Omunye wabasebenzi bakula makhaza abamisiwe uthe impilo inzima njengoba bemisiwe nje okuhambisana nokuthi abazuhola.
“Asisekho kumakhompyutha ngakho asazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi sibuyiselwe. Okubi ukuthi noma umnyango usushintshile isinqumo, usathi simisiwe kusho ukuthi sisazobhekana namanye amacala. Njengamanje sizwa amahebezi okuthi kuzoqala ukusetshenzelwa ePhoenix ngo-Ephreli kodwa thina akukho esitshelwe kona,” kusho yena.
UNkk Nomakiki Majola, usihlalo wekomiti lezempilo esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uthe kuyihlazo ukuthi abasebenzi bamashela ukuthi abafuni ukuthuthelwa ePhoenix ekubeni bazi ukuthi indawo okusetshenzelwa kuyo njengamanje ayikho esimeni.
“Abasebenzi bamelelekile ezinhlakeni ezidingida ngodaba lokususwa kwamakhaza ayiswe ePhoenix. Angazi ukuthi basho ukuthini uma bethi abekho ezingxoxweni ngoba izinyunyana zabo zikhona. Ngicabanga ukuthi inkinga abanayo eyokuthi bamisiwe. Udaba lwabo umnyango ulusebenza noMnyango wezeMisebenzi, akukho okungekho emthethweni okwenziwe. Amakhaza asenkabeni yedolobha ayakhiwe le ngxenye yedolobha ingakasetshenziselwa amabhizinisi. Ngisho nangaphakathi isimo sebhilidi sibi futhi lidala. Asikwazi ukubambelela ekutheni sithi ePhoenix kukude, kukude nani? Ngabe ukuba kude kwakhona kuchaza ukuthi bona bengabasebenzi kumele basebenze endaweni engalungile ngoba iseduze?” kubuza uNkk Majola.
Uthe izingxoxo zisaqhubeka alukabikho usuku olubekiwe lokusuka kuyiwe ePhoenix, uma selubekiwe umphakathi uzokwaziswa.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe kuningi okubhekwayo ngaphambi kokuba uthathe isinqumo esikhulu, njengokususa isikhungo siyosebenzela kwenye indawo.
Lokhu kubandakanya ukuxoxisana nabasebenzi kanye nazo zonke izinhlaka ezithintekayo.
Lo msebenzi uthi kade waqala futhi uyaqhubeka.
Esitatimendeni esithunyelwe Isolezwe uthe isikhungo samakhaza kahulumeni esikuMagwaza Maphalala senza umsebenzi obucayi, kanti sekunesikhathi sihlaselwe yizinkinga.
“Ibhilidi lesikhungo esikulo lidala, ngeke lisalungiseka, indawo yokusebenzela incane futhi lisendaweni okungafanele engabe inamakhaza alolu hlobo. Imishini midala, ifa njalo, isikhungo samakhaza sikahulumeni sasePhoenix sisezingeni lomhlaba. Sasakhelwe ukuthi kube yiso esiqhubeka nalo msebenzi uma kuvalwa esikuMagwaza Maphalala. Kusona kunendawo eyenele, imishini esezingeni nabasebenzi abanele ukwenza msebenzi.”