KUME yonke into abanye babantu baKwaDukuza bebhikishela ukuphela kukagesi endaweni.
Amalungu omphakathi kuthiwa avale umgwaqo * -R102 kusuka eGroutville kuya ku-N2 ebhikishela ukuhlala isikhathi eside ephelelwe wugesi.
Lokhu kungenxa yokuphela kukagesi ezindaweni ezehlukene okubalwa kuzo eMathenjwa, eNtshawini, eGroutville, eShakaville naseThembeni.
Kwezinye izindawo kuthiwa ugesi ubusunezinsuku eziyisishiyagalombili uphelile.
Ilungu lomphakathi elicele igama lalo ligodlwe lithe amalungu omphakathi avale umgwaqo ngoba esekhathele ukulinda ukulungiselwa ugesi.
“Amalungu omphakathi aqoke ukuthi angene emgwaqweni ngoba ethi asezame kaningi ukuxoxa nomasipala ngenkinga yokuphela kukagesi kodwa ungenzi lutho ukuyixazulula,” kusho umhlali.
Umbhikisho ugcine uphazamisa ukufunda ngoba izingane zakwezinye izikole ezakhelene nalapho obekuvalwe khona umgwaqo zigcine zidedeliwe kwathiwa azigoduke.
Uthisha wesikoleni samabanga aphansi, iLloyd Primary, ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba, uthe kuphoqeleke ukuthi izingane nothisha badedelwe ngenxa yesiteleka.
Uthe banethemba lokuthi namuhla isimo sizobuyela kwesijwayelekile ngoba izingane zisheshe zaphuma nakuthangi ngenxa yenkinga yamanzi.
Okhulumela uMasipala waKwaDukuza, uMnuz Sipho Mkhize, uthe onjiniyela babo basebenza kanzima ukulungisa isimo sikagesi. UMkhize uthe ugesi uphazamiseke ngenxa yesimo sezulu esigcine siphazamise ukuphakelwa kwawo emphakathini. Uthe esinye isizathu kube wukwanda kwabantu abasebenzisa ugesi nokwenza kube nengcindezi ekuwuphakeleni nokugcina kuholele ekupheleni kwawo. Uthe amathimba abo ajutshwe kuzo zonke izindawo ezithintekile ukubuyisa ugesi.
“Sinxusa ukuthi kube nozinzo emphakathini nokuthi umphakathi usinikeze imininingwane yalabo abasebenzisa lesi simo ukwenza izenzo zobugebengu uma kubhikishwa,” kusho uMkhize.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okuzama ukubulala emuva kokuthi kudutshulwe abantu ababili ngesikhathi kubhikishwa eNtshawini ngoMsombuluko.
Uthe kukholakala ukuthi umshayeli wemoto iGolf 7 udubule abantu ababili abebesembhikishweni. Kuthiwa bebejikijela amatshe emotweni yakhe wase ephuma emotweni wavulela ngenhlamvu.