KUPHAZAMISEKE ukusebenza izolo kumasipala waseMkhambathini ngesikhathi kubhikisha abasebenzi belwisana nokuboshwa komunye umsebenzi osolwa “ngokuthumela inhlamvu nencwadi esabisa” imenenja kumasipala.
Ngonyaka odlule imenenja kumasipala kwavela ukuthi yathola incwadi eyayimsabisa kukhona nenhlamvu yesibhamu phakathi. Kwavulwa icala. Izolo abasebenzi bashise amathayi baqhinqa ngaphandle kwamasango kamasipala befuna kudedelwe lo msebenzi wesifazane okuthiwa uboshwe ngoLwesithathu.
Okhulumela abasebenzi, uMnuz Mbongwa Dlamini, uthe abahambisani nokuboshwa kwalo msebenzi ekubeni wayenza umsebenzi wakhe. “Siphikisana nokuboshwa kwakhe ngokuthi wahambisa incwadi eyayithunyelelwe imenenja kumasipala ehhovisi lakhe. Lokho kuwumsebenzi wakhe uma ethola izincwadi namaphasela ukuba awadlulise kumuntu ofanele. Singabasebenzi asihambisani nokuthi aboshwe. Sifuna adedelwe. Yingakho besibhikisha namhlanje ngoba sibona bungekho ubulungiswa kulokhu."
IMeya yakulo masipala, uMnuz Eric Ngcongo ikuqinisekisile ukuthi akuzange kusetshenzwe kulo masipala ngenxa yombhikisho.
“Umasipala awuzange usebenze namhlanje (izolo) abasebenzi bekhala ngokuboshwa komsebenzi ngesigameko sangonyaka odlule sokusatshiswa kwemenenja kamasipala eyathunyelwa inhlamvu ngemvilophu. Abasebenzi bebeshisa amathayi ngaphandle kwamahhovisi. Sithe sisaxoxisana nabaphathi babasebenzi sazwana kahle nabo, amaphoyisa ahlakaza isixuku. Kube nababoshwayo ngodlame emphakathi. Siyathemba ukusebenza kuzobuyela kokujwayelekile maduze,” kusho uNgcongo.
Isolezwe lithole ukuthi lo msebenzi kulindeleke ukuthi avele enkantolo yaseMkhambathini namhlanje. Embhikishweni wayizolo kuthiwa kuboshwe abasebenzi abayisithupha ngokuba nodlame emphakathini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuboshwa kwalo msebenzi nabanye abayisithupha ngokuba nodlame emphakathini. “Amaphoyisa aseCamperdown abophe abayisithupha ngecala lodlame emphakathini kulandela ukushisa amathayi ngaphandle kwehhovisi likamasipala ekuseni namhlanje (izolo). Lokhu kulandela ukuboshwa komunye umsolwa oneminyaka engu-43 ngecala lokusabisa. Bazovela maduze enkantolo."