BAPHAKAMISE iziketi kwavela amadilozi nezinqa abesifazane baseCornubia, ngaseVerulam abebebhikishela ukuthi bafuna ukuqashwa ukuze bahlanze umqwaqo ngoba sebenesikhathi bevolontiya kulo msebenzi kodwa kwaqashwa abanye.
Laba besifazane abebevutha bengabaselwe, baphakamise iziketi bazibeka phezulu bekhala ngokuthi “kudlalwa” ngabo bengaqashwa ekubeni bebhuquza emakhaya.
Ngokuthola kweSolezwe laba besifazane baneminyaka emithathu behlanza indawo yaseCornubia ngethemba lokuthi bazoba abokuqala ukuqashwa uma kuvela ithuba.
Abanye besifazane bavele banyusa iziketi zahlala phezulu baveza amathanga nezinqe ngesikhathi kubhikishwa izolo eCornubia
UNksz Thulisiwe Ntombela, ongomunye wabebebhikisha, uthe baphoxekile sebebona kulethwa abanye abantu bezohlanza eCornubia.
“Ekuseni namhlanje (izolo), sibone abantu esingabazi bezohlanza le ndawo. Besiqala ukuba kulethwe abantu lapha njengoba besingamavolontiya sizihlanzela le ndawo, ebingahlanzwa. Besinethemba lokuthi uma sekuvela ithuba lokuba kuqashwe abenza lo msebenzi sibe ngabokuqala ukuqashwa.
Kusidinile lokhu sabe sesibaxosha. Sibhikishile ukuze kuzwakale ilaka lethu, savala nomgwaqo,” kusho uNksz Ntombela.
Lo mphakathi uphinde wakhala ngokungabonakali kwekhansela labo uMnuz Syabonga Thango, nelingabalekeleli uma benezinkinga.
Amanye amalungu omphakathi ashise udoti emgwaqeni ngesikhathi kubhikishwa.
UThango uthe amanga ukuthi akabonakali ngoba uhlale enabo emhlanganweni wamavolontiya.
“Udaba lwalabo mama abangamavolontiya ngiyalwazi futhi sekunesikhathi ngilubekile ezithebeni zikamasipala. Labo mama bavolontiya bacela ukushanela umgwaqo nokuwuhlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP). Ngabacela ukuba bame ukushanela ngisafake isicelo kumasipala ukuba bathole amathuba okusebenza ngaphansi kwe-EPWP. Njengekhansela anginawo amandla okuba baqasheke ngaphansi kwalolu hlelo, umasipala wathi awunaso isabelomali sokubaqasha. Sihlale nabo emhlanganweni eminingi ngibachazela lolu daba, kuyamangaza uma sebethi abangazi futhi angibasizi ngalutho. Kumanje kuvulwe uMakro ngenza isiqiniseko ukuthi bayathola ukuqasheka. Abanye bekufunwa u-matric kutholakale ukuthi abanawo. Nasemafemini abakhuluma ngawo ngiyaya ngiyobancengela ukuba baqashwe,” kusho uThango.
Uthe uze wabacelela indawo ukuba bakwazi ukutshala, babe nezingadi, abanye kuthiwa bathi abazifuni izingadi bona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe kubizwe amaphoyisa ase-Verulam ukuzoqapha isimo kodwa alikho icala elivuliwe.
Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bayazi ngalo mbhikisho wacela ukuba behlise umoya abaseCornubia.
“Ngokwazi kwethu akekho umuntu owayethenjiswe umsebenzi , sinohlelo lwe-EPWP lokuhlanza kumasipala,” kusho uMayisela.