ABAHOLI be-ANC esifundeni iNokuhamba Nyawo, babhekene ngeziqu zamehlo kubangwa eyezinkinga ezikhungethe uMasipala uMkhanyakude.
Abaholi be-ANC Youth League (ANCYL) esifundeni iNokuhamba Nyawo, bathibelene nobuholi be-ANC obuphethe umasipala wesifunda.
Abaholi be-ANCYL bafuna izimpendulo ngenkinga yamanzi ekhungethe izindawo ezingaphansi kwalo mkhandlu, baphinde benze izinsolo zokungaphathwa ngendlela kwemali yomkhandlu.
Muva nje abaholi be-ANCYL basabise ngisho nangokuthi bazowuvala lo mkhandlu uma bengazitholi izimpendulo ezigculisayo kwabakhala ngakho.
UNobhala we-ANCYL eNokuhamba Nyawo, uMnuz Makhosonke Maphanga, uthe umasipala uyehluleka ukuhambisela abantu amanzi.
"Abantu abawatholi amanzi. Kunezinhlelo eziningi zokuhanjiswa kwamanzi ogcina uzwa kukhulunywa ngazo uma zisethulwa, kodwa sigcine zingaqedwanga. Ezindaweni eziningi amapayipi agcina esala kanjalo eduze nomgwaqo, amanzi egcine engafakwanga."
UMaphanga uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi nakuba umkhandlu uhluleka ukuhambisa izidingo ebantwini kodwa uyaqhubeka nokusebenzisa ngokweqile isabelomali sawo.
Isolezwe libone incwadi ebhalwe imenenja kamasipala, uMnuz Musawukhethi Nxumalo, ememezela uhlelo lokubopha izifociya kulo mkhandlu.
Kule ncwadi ebhekiswe kubasebenzi uNxumalo uthi bakhethe ukuqala uhlelo lokubopha izifociya ngenxa yokushoda kwemali.
UMaphanga uthe bafuna ukwazi ukuthi umasipala uyishonisephi imali oyabelwe njengoba usukhala ngokushodelwa imali ekubeni ungakapheli unyakamali.
"Kungani lo mkhandlu uqeda imali yonke imali ekubeni engakashayi uJulayi (wokungena kwesabelomali esisha)?"
UMaphanga uthe usebabhalele abaholi bomkhandlu lapho khona efuna ukuthi baphendule ngalezi zinto, wathi bazowuvala umkhandlu uma bengatholi izimpendulo ezigculisayo.
"Lo mkhandlu ungaphansi kweso lomlawuli. Sifuna nokwazi ukuthi yini lena eyenza ukuthi umasipala uhlale ngaphansi kweso lomlawuli. Yini lena eyenza ukuthi bangazilungisi izinkinga ezenze ukuthi umasipala ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli?"
UMaphanga uthe akaxabene nabaholi be-ANC abaphethe umkhandlu, wathi yena akufunayo izimpendulo nje kuphela.
IMeya yomasipala, uMnuz Siphile Mdaka, ithe ayizazi zonke lezi zinto uMaphanga akhala ngazo, yathi ubengakaze ababikele.
UMdaka uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kuye uMaphanga.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usanda kugxeka ukwehluleka kwalo mkhandlu ukuphothula uhlelo lokufakela abantu baseJozini amanzi olubizwa ngeNondabuya.
Lolu hlelo lukaR150 million kufanele engabe kade lwaphothulwa.
Umnyango kaButhelezi usanda kuthatha isinqumo sokuphuca umasipala lolu hlelo njengoba usuzozibambela mathupha.