I-ANC KwaZulu-Natal ithi ibhalele uNobhala-jikelele weqembu, uMnuz Ace Magashule imcela ukuthi ayihlelele umhlangano noMengameli Cyril Ramaphosa njengoba ikhathazekile ngezinsolo ezithi ukuboshwa kwabanye abaholi esifundazweni ngamacala ehlukene kunenhlese yezombusazwe.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bewubuholi besifundazwe bathathe isinqumo sokuthi bafune ukuhlangana nobuholi bukazwelonke, kubalwa noRamaphosa ukuze kubhungwe ngezinsolo ezithi ukuboshwa kwabanye abaholi kunenhlese yepolitiki.
“Into esikhathazayo kakhulu wukuthi okunye ukubopha esikubonayo, sikujabulela kunjalo ngoba kuhambisa umyalezo othi amaphoyisa ayalwa nesihlava sokubulawa kosopolitki kodwa indlela okwenzeka ngayo iveza umbono othi kugqugquzelwa inhlese yezombusazwe. Asifuni ukuthi kumengameli akuyekwe ukwenziwa uphenyo kodwa sithi akuphenywe, kuboshwe ngendlela enesithunzi,” kusho uNtuli.
Uthe bayazi ukuthi abanye bangathi abantu abasolwa ngokwenza amacala akumele banikwe isithunzi. Kepha bayanxusa yonke into yenziwe ngokucophelela ukuze kungakheki umqondo wokuthi kukhona abathi kusetshenziswa izinhlaka zikahulumeni ukulwa izimpi zangaphakathi enhlanganweni.
UNtuli uthe le ndlela ibukeka sengathi umdlalo waseHollywood uma kuboshwa abantu kube sengathi kuhloswe ukuthi bahlanjalazwe, kumele ibhekisiwe.
Uthe isizathu esenza bakhathazeke ukuthi sekwenzeke kaningana kuboshwe abaholi ahlale ejele, bese ekugcineni amacala ababekwe wona ahoxiswe ngoba kuthiwa ubufakazi abukho.
UNksz Reneilwe Serero, okhulumela ihhovisi likaNgqongqoshshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele uthe ngokwazi kwabo ubuholi besifundazwe be-ANC buyaliseka ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki.
“Kodwa ungqongqoshe nomengameli bazimisele ukuhlangana nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal ukuze bezwe izikhalo zabo,” kusho uNksz Serero. Uthe bona bengamaphoyisa abagxambukeli ezindabeni zezombusazwe.
UNtuli uphinde wakuqinisekisa izolo ukuthi iMeya yoMkhandlu weTheku, uNkk Zandile Gumede, ikhansela laseThekwini uMnuz Mondli Mthembu neMeya yaseNewcastle uDkt Ntuthuko Mahlaba sebenikwe ikhefu lenyanga njengoba besabhekene namacala.
Ubuye wamemezela ukuthi isigungu saseThekwini sesihlakaziwe njengoba sesiphelelwe isikhathi.
Uthe ubuholi baseThekwini bubazisile ngalesi sinqumo.
“EThekwini kuzoba khona isigungu sesikhashana, esizokwenza isiqiniseko sokuthi kunozinzo esifundeni nokuthi siphinde silungiselele ingqungquthela okuhlelwe ukuthi ihlale ngo-Okthoba noNovemba,”kusho uNtuli.
Uthe bahlela ukuthi zonke izingqungquthela zezifunda kumele zenziwe, kubalwa neyaseMoses Mabhida, phakathi kuka-Okthoba noNovemba.
Nakuba uNtuli enqabile ukudalula amagama abantu abazongena esigungwini sesikhashana saseThekwini kodwa kuyavela ukuthi umdidiyeli walesi sigungu kuzoba nguMnuz Kwazi Mshengu, kuthi isekela lakhe kube uNkk Gumede, uMxhumanisi kuthiwa nguMnuz Mluleki Ndobe, isekela lakhe nguMnuz Bheki Ntuli obenguNobhala.
Siye koshicilela izolo kunomhlangano eMoses Mabhida lapho bekuzomenyezelwa khona sonke isigungu sesikhashana saseThekwini. Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi isigungu saseThekwini ebesivele sikhona sibuye sonke, kwase kuthakwa kancane nabantu abebesohlangothini lukaMnuz James Nxumalo, uMnuz Thabani Nyawose nabanye.
UNtuli uthe bakulungele ukubhekana nanoma yiziphi izinyathelo zomthetho ezingathathwa amalungu abo abawacele ukuba ahlabe ikhefu.
Uveze nokuthi okwamanje, ubuholi besifundazwe bebungakanqumi ukuthi ngubani ozoba ngumkhulumemi wombutho njengoba uNkk Nomagungu Simelane-Zulu esenguNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni.
“Uqabane uNomagugu uzoqhubeka nokusiza nami ngizolekelela kuze kube kuqokwa umuntu omusha,” kusho uNtuli.