IQEMBU iNFP libabaza inzondo elithi ikhonjiswe i-IFP kumholi walo osanda kushona, uNkk Zanele Magwaza-Msibi.
Abaholi bale nhlangano bathi i-IFP iyikhombise esaphila uNkk Magwaza-Msibi inzondo, yaphinde yayikhombisa noma engasekho.
Lokhu kushiwo izikhulumi ebezikhuluma enkonzweni yesikhumbuzo kaNkk Magwaza-Msibi, ebisoLundi, izolo.
Okunenge kakhulu ubuholi bale nhlangano ukunqatshelwa ukusebenzisa izikhungo zikamasipala wasoLundi, ukubamba inkonzo yayizolo.
Umasipala wasoLundi uphethwe yi-IFP.
Leli qembu liqale lazama ukuthola imvume yokusebenzisa iPrince Mangosuthu Buthelezi Stadium, kepha kwangalunga.
Ngokwesitatimende esikhishwe uMasipala wasoLundi, lesi sicelo asizange siphumelele ngenxa yokuthi le nkundla isamile ukusetshenziswa njengoba kunobhubhane iCorona.
Umasipala ukhale ngokuthi iNFP ihlulekile ukuhlangabezana nombandela wokuthi isicelo salolu hlobo kufanele sifakwe kusasele izinsuku eziyisikhombisa futhi sisayinwe yizinhlaka ezehlukene okubalwa amaphoyisa nabezempilo.
Le nhlangano ibe isigxumeka itende emagcekeni esikhungo esiluleka abahaqwe ingculazi, iPrincess Mandisa.
NgoLwesine ekuseni amalungu ale nhlangano afike kuvalwe amasango kulesi sikhungo, nokuphoqe ukuthi inkonzo igcine ifudukele esontweni eliseduze.
AbeNFP bathe lokhu kukhombisa ukuthi i-IFP isanenzondo noNkk Magwaza-Msibi.
Unobhala jikelele wale nhlangano, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe okubamangazile kakhulu wukuthi lesi senzo senzeke yize ubuholi be-IFP nobomkhandlu wasoLundi, bufikile ukuzokhalisa umndeni.
UMdletshe uthe lesi senzo sesibashiye nemibuzo yokuthi kanti ubuholi be-IFP nomasipala bebuzenzisa yini.
"Le nto ikhombisa inzondo enkulu. Le nzondo bayikhombise ephila. Bayaphinda bayayikhombisa noma engasekho."
Usihlalo kuzwelonke kule nhlangano, UMnuz Bhekithemba Dlamini, uthe i-IFP izama ngayo yonke indlela ukuqeda ngeNFP.
"Leli qembu lamhlukumeza esaphila namanje lisaqhubeka nokumhlukumeza. Basivalela amasango ngoba nakhu bengafuni ukuthi sigubhe impilo yomholi wethu."
UMnuz Irvin Barnes, obephethe uhlelo, uthe uyamangala ukuthi kungani i-IFP isizishaya isifuba ngoba engasekho uNkk Magwaza-Msibi, ithi waphekwa iyona.
UBarnes ubuze ukuthi uma kuwukuthi ibiziqhenya ngoNkk Magwaza-Msibi kungani ingamkhethanga njengomholi wayo kepha yakhetha ukumhlukumeza ngesikhathi kukhona abaphakamisa igama lakhe kwesokuhola leli qembu.
"Ngenxa yenzondo embi abanayo, bafike basikhipha lapha (obekufanele kube khona inkonzo). Noma eselele uNjinji, iqhubekile le nzondo ebolise okwenyongo yenyathi."
NgoLwesine ubuholi be-IFP buhambele umndeni kaKaMagwaza-Msibi, ukuyobhonga emswaneni.
Isekela likamengameli we-IFP, Inkosi Mzamo Buthelezi, lithe nabo bathintekile ngokushona kukaNkk Magwaza-Msibi .
Uthe uMagwaza-Msibi ubefana nengane ye-IFP njengoba akhulela khona.