BUCHITHEKE bugayiwe kubalisa ababili nowesifazane oyedwa ababanjwe oqotsheni, beqeda ukuhlinza inkomo yokwebiwa kodwa babanjwe sebehlukaniselana inyama eMkhumbane, eMondlo, ekuqaleni kwesonto.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi uMnuz Vusumuzi Ngcobo (54) , Mnuz Lindokuhle Xulu (24),
noSelby Nonhlanhla Xulu (48), baswele umgodi wokucasha kungena ezakwasidlodlo zingasadle nkobe zamuntu, zabashaqa.
Kuthiwa amaphoyisa afike bejuluke bemanzi te, kungakhulumi muntu, kusha ummese nocelemba.
Bekhipha izigixagixa zenyama bezibeka amaqoqo ukuze umuntu aphume nengxenye yakhe ayoshaya izoso nomndeni wakhe.
Umthombo osondelene nalolu daba uveze ukuthi baboshwa nje bebesanda kufonela emakhaya, betshela imindeni yabo ukuthi ingapheki kodwa ilungise umlilo wokosa.
Kuthiwa bengakaligwinyi zatheleka ezikaDalawane, zabahlaba ngemibuzo badla amazambane ashisayo, baphonswa evenini, kwathiwa bayochaza phambili.
Ngokomthombo, amaphoyisa alunywe indlebe ukuthi sengathi idubukele kwaXulu, kuhlinzwa inkomo yokwebiwa.
“Abuzile amaphoyisa ukuthi iyisima kanjani le nkomo ehlinzwayo babakaza abasolwa bangakwazi ukuchaza nokwenze amaphoyisa abafaka
ozankosi, aqoqa
nezimbazo nemimese nakho konke akufaka njengobufakazi obuqanda ikhanda ukuthi babanjiwe nale nkomo,’’ kulanda umthombo.
Akucacanga kahle ukuthi le nkomo ibiyebiwe kuphi nokuthi ibifike nini njengoba ihlinzelwa endlini nje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonele Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kunabantu ababhadanywe bematasa behlinza emuva kokuba bempimpiwe emaphoyiseni.
AFIKE kwaba ncane indawo amaphoyisa endlini obekuhlinzwa kuyo inkomo okuthiwa eyokwebiwa eMkhumbane eMondlo Isithombe : SITHUNYELWE
“Amaphoyisa abelandela umkhondo wenkomo yokwebiwa ase elunywa indlebe ukuthi ikhona inkomo ehlinzwa komunye umuzi.
“Athe uma efika athola inyama ibekwe amaqoqwana, angacucuza afaka ozankosi kubasolwa, akhala emuka nabo,’’ kuchaza uZwane.
Leli phephandaba lihabule ukuthi abasolwa bavelile eNkantolo yeMantshi eVryheid ngoLwesibili bebhekene necala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi eyokwebiwa.