Izindaba

Babanjwe edolobheni abasolwa ngokubulala abantu abane eDundee

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kungekudala abasolwa ababili abasolwa ngokubulala abantu abane eDundee

Image: SIGCINIWE

NGESONTO ebusuku amaphoyisa abophe abasolwa ababili okukholakala ukuthi bayabandakanyeka ekubulaweni kwabantu abane eMzomusha eDundee.

Amaphoyisa alunywe indlebe ngamalungu omphakathi ngokubonakala kwabasolwa edolobheni laseDundee.

"Amaphoyisa asebenzise ulwazi aluthole emphakathini ukulandela umkhondo wabasolwa ababili abaneminyaka engu-26 no32 ubudala," kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Laba basolwa ngokubulala abantu abane emzini oseMzomusha ngoLwesihlanu ebusuku. Kubikwa ukuthi izisulu ezimbili zabesilisa, ezineminyaka engu-31 no-35 ubudala, bezingaphandle kwendlu ngesikhathi kufika abasolwa ababili bavulela ngenhlamvu bebhekise kubo, bashonela khona lapho.

Abasolwa babe sebeqhubekela ngaphakathi endlini lapho bekukhona abantu abathathu.

Kubikwa ukuthi abasolwa bafuna imali nezidakamizwa kowesifazane oneminyaka engu-29.

Kubikwa ukuthi kube nokuhilizisana phakathi komsolwa oyedwa nalo wesifazane ohlonziwe nokuphethe ngokuthi adutshulwe amahlandla amaningi. Abasolwa kuthiwa bamseshile bathatha isamba semali esingadalulwanga. Intombazane eneminyaka engu-14 ubudala nayo idutshulwe amahlandla amaningi yashonela endaweni yesigameko.

Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kungekudala.

 

 

 

[email protected]