ISHE kanjena itekisi ebithwele izintombi
ISHE kanjena itekisi ebithwele izintombi
UNGQONGQOSHE wezobuCiko namaSiko uNksz Hlengiwe Mavimbela, evakashele izintombi ezilaliswe esibhedlela iChurch of Scotland eMsinga ezilimale engozini yetekisi  eyehle phakathi kwaseMsinga naseDundee  Isithombe: Sithunyelwe
UNGQONGQOSHE wezobuCiko namaSiko uNksz Hlengiwe Mavimbela, evakashele izintombi ezilaliswe esibhedlela iChurch of Scotland eMsinga ezilimale engozini yetekisi eyehle phakathi kwaseMsinga naseDundee Isithombe: Sithunyelwe
Isithombe: FACEBOOK
Isithombe: FACEBOOK
UYATHUTHUMELA unina wetshitshi (14) laseDundee elilaliswe esibhedlela ngemuva kokulimala engozini yetekisi edlule nemiphemulo eyisithupha yezintombi nto nomshayeli ngoMgqibelo.

Le tekisi okusolwa ukuthi umshayeli wayo uhluleke ukuyilawula emgwaqweni osuka eMsinga uya eDundee iphaphalaze emgwaqweni yagingqika maqede yagqamuka amalangabi.

UNksz Hlengiwe Myeni, unina kaLungelo Mthethwa ofunda uGrade 8 eMorningside High, uthe ushayelwe ucingo ngoMgqibelo kwathiwa izingane zilimele endleleni ebheke emakhaya.

“Awu zilimele izingane zethu. ULungelo akashanga njengezinye izingane ezishe izingubo zanamathela emzimbeni yazo kodwa esingezansi silimele kakhulu, uphukile angazi ukuthi yimaphi amalunga aphukile. Ngokubona kwami itekisi imphonse ngaphandle ngesikhathi iphenduka iyophonseka lapho ifike yashela khona. Zilimele izingane zethu, kunzima nokucabanga ukuthi kuzokwenzekani kuye. Namhlanje (izolo) angimficanga nasesibhedlela kuthiwe usedlulisewe eGrey’s,” esho ekhala.

UNksz Myeni izolo uthe uphuma esibhedlela eChurch of Scotland eMsinga lapho kade ilaliswe khona indodakazi yakhe.

Uthe sekunesikhathi ingane yakhe ihlolwa futhi njalo ngaphambi kokuthi baye emhlangeni baya emcimbini wokuzilungiselela umkhosi omkhulu womhlanga wesiFunda.

NgoMgqibelo kulo mcimbi bekuhlanganyele izintombi nto eziphuma ngaphansi kukakaMasipala uMzinyathi ezizoya emhlangeni.

Itekisi ebandakanyeke engozini ibithwele izintombi eziphuma kuMasipala waseNdumeni. Zonke izintombi ezishonile zingabafundi.

Kulesi sigameko kushone izintombi eziyisithupha kanye nomshayeli wale tekisi ezingu-9 ziphuthunyiswe esibhedlela zilimele kanzima.

UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi uMnuz Mxolisi Kaunda uthe kushone abantu abangu-12 ezingozini ezimbili ezenzeke KwaZulu-Natal ngempelasonto.

“Kuyishwa ukuthi ngempelasonto eyodwa silahlekelwe yimiphefumulo eminingi kangaka. Ngokuthola kwethu enye ingozi yenzeke eFolweni iToyota Corrolla ishayisane mahlanze netekisi kwashona bonke abantu abahlanu ebebesemotweni encane. Sinxusa amaphoyisa ukuthi aqinise ezokuphepha,” kusho yena. Umntwana uThulani Zulu okhulumela iNdlunkulu uthe bakhalela imindeni ngalesi sehlakalo, wathi iSilo sicela imiphakathi ukuthi ikhuleke ngoba kuyacaca ukuthi kunosathane ohlasele.

ULt Col Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso eliphenywa ngamaphoyisa asesiteshini eHelpmekaar.