AZOPHENYWA amaqembu ezombusazwe ahluleke ukudalula abawaxhasa ngemali.
Lokhu kuvezwe yikhomishini eyengamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC) izolo ikhipha umbiko wamaqembu axhaswe ngekota yokuqala yalo nyaka.
I-IEC iveze ukuthi mathathu amaqembu aveze ukuthi axhaswe ngemali okuyi-DA edalule ukuthi ixhaswe ngoR15.9 million, ANC ngo-10.7 million ne-Action SA ngo-R3 million.
UMnuz George Mahlangu ophethe uphiko olubhekele ukuxhaswa kwamaqembu kwi-IEC, uveze ukuthi lo mbiko usuka ekuqaleni kuka-Ephreli kuya ekupheleni kukaJulayi.
Uthe bayalele amaqembu ukuthi aqoke abacwaningi bamabhuku ukuze kucwaningwe ukusebenza kwemali futhi bazi uma kukhona iqembu elixhasiwe langakudalula lokho.
“Angu-504 amaqembu abhalisile, amathathu aveze abaxhasi, angu-108 aphendulile athi akukho okumele akudalule. Amaqembu angu-393 awazange aphendule, sawakhumbuza ukuthi kumele adalule abaxhasi. Sizophenya lawo maqembu angazange adalule abaxhasi bese sithatha izinyathelo ezifanele,” kusho uMahlangu.
Uthe wonke amaqembu kumbe amelwe ePhalamende noma angamelwe kumele aphendule ngendaba yabaxhasi.
Ubalule nokuthi noma iqembu lingakha eceleni isikhwama salo sokuqoqa imali kodwa kumele uma linikelelwe likuveze lokho kwi-IEC.
I-ANC isanda kusungula isikhwama sokuqoqa imali njengoba ikhala ngokungabi namali.
UNksz Janet Love iPhini likaSihlalo we-IEC, uthe amaqembu kumele adalule abaxhasi uma umuntu oyedwa esexhase ngemali engaphezu kuka-R100 000 ngonyaka. Uma exhase ngaphansi kwale mali asikho isidingo sokwenza lokhu kodwa amaqembu kumele agcine ubufakazi balowo oxhasile.
UNksz Love uthe akuvumelekile ukuthi umuntu oyedwa axhase ngemali engaphezu kukaR15 million ngonyaka.
Uthe kule kota imali amaqembu axhaswe ngayo nguR30 million.
“I-DA iphinde yanikelelwa ngezinto ezingabiza uR499 595 kwathi i-Action SA yona yanikelelwa ngoR356 090. Lo mnikelo usuwonke unguR855 685.”
Ubalule ukuthi i-DA iphinde yanikelelwa yizinhlaka ezimbili zangaphandle kwakuleli.
Unxuse amaqembu ukuthi asheshe adalule uma ethola uxhaso angalindi kuze kuphele ikota engadalulanga.
Ubalule nokuthi kunesikhwama iMulti Party Democracy esasungulelwa ukuthi sisize wonke amaqembu wathi ekoteni yokuqala sixhaswe ngumuntuj oyedwa ofake uR 2 000 ngoMeyi. Nguyena kuphela umuntu osafake kulesi sikhwama siyanxusa nabanye bafake kulesi sikhwama.“