Azogqunywa esitokisini amasosha abhekene necala okubulala usgaxamabhande
Image: Umfanekiso ogciniweyo
INkantolo yeMantshi yase-Randburg isihlehlisele isicelo sebheyili sezikhulu ezingu-12 ze-South African National Defence Force (SANDF) kuze kube umhla ka-03 Julayi 2025, ukuze kuqinisekiswe amakheli azo.
Abammangalelwa babhekene namacala amaningi abucayi, okubalwa kuwo awokubulala, ukuthumba, ukukhwabanisa, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, ukuqamba amanga kanye nokweba imoto.
Amacala asukela ekuthunjweni kuka-Abdella Hussain Abadiga noKadir Jemal Abotese ngomhla ka-29 Disemba 2022. Izisulu kubikwa ukuthi zathunjwa eMall of Africa zayiswa enkanjini yamasosha iZwartkop Military Base, kanti akukaziwa ukuthi zikuphi.
Abasolwa bayamataniswa nokubulawa kukaLieutenant Colonel Frans Mathipa, iphoyisa loKlebe elaliphenya ngokuthunjwa kwalezi zisulu. UMathipa wadutshulwa wabulawa mhla zi-6 ku-Agasti 2023 ku-N1 Highway ngabantu okuthiwa babeshayela imoto ye-SANDF.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwamacala, ummeli wabasolwa uhambise izincwadi ezifungelwe lapho bephika ukuthi bayathinteka ezigamekweni ezibaliwe. Kuphinde kwafakwa isitatimende somkhuzi wawo wokweseka isicelo sebheyili.