ISIMO samanzi sizobuyela kwesijwayelekile ngoDisemba uma izinhlelo zokulungiswa kwengqalasizinda eyalinyazwa yimvula, ezenziwa wuMgeni Water, zihamba kahle.
Lezi zindaba zidalulwe wuSihlalo weBhodi loMgeni Water, uNksz Gabsie Mathenjwa izolo.
Uthe sebelifakile i-oda lezinsimbi nemishini edingekayo ukulungisa amapayipi abo amakhulu athwala amanzi nenye ingqalasizinda eyamosheka ngesikhathi sezikhukhula.
“Kungenzeka kuthathe inyanga ukuthi izinsimbi nemishini esikuthenga phesheya kufike kuleli. Kungenzeka nokuthi kuthathe izinyanga ezimbili. Esikuthembisayo wukuthi uma izinsimbi sezifikile, usonkontileka uzobe eseqala umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda. Kuzomthatha izinyanga ezine. Silindele ukuthi amanzi abe esephuma ngendlela ejwayelekile kompompi ngoDisemba 22,” kusho uNksz Mathenjwa.
Uthe bayahambisana nezinhlelo zikaMasipala weTheku zokunciphisa amanzi aphuma kompompi bezakhamizi zeTheku, ngenxa yokuthi okwamanje abakwazi ukuphampa amanzi anele izinsuku eziyisikhombisa zesonto.
Odabeni lokumosheka kwengqalasizinda yasoThongathi, uNksz Mathenjwa uthe bayawulekelela uMasipala weTheku ukuba uyilungise kodwa yiwona obhekele ingqalasizinda yakhona.
AboMgeni Water bahambele ingqalasizinda yabo, bekhombisa izintatheli asebekwenzile emuva kwezikhukhula.