Taxis are seen at a terminal in Johannesburg Taxis are seen at a terminal in Johannesburg
AWUPHELE umqondo wokuthi kunezingozi zePhasika ngoba izingozi zidalwa ngabantu ababudedengu.
Usho kanje uMnuz Sfiso Shangase onguMphathi wehhovisi leSouth African National Taxi Council (Santaco) KwaZulu-Natal.
UShangase uthe bebehlangene izolo ukuqinisekisa ukuthi abagibeli baphephile uma beya emaholidini ePhasika nasezinkonzweni.
"Ayikho imoto engaphephile ezophuma erenke. Sizoqhuba uhlelo lwethu lukaHlokomela lapho sizozihlolela amatekisi ukuthi akulungele yini ukuhamba. Uma sithola ukuthi itekisi alikulungele ukuhamba sizolimisa bese kulayisa elisesimeni esifanele," kusho uShangase.
Uthe abagibeli nabo kufanele baqinisekise ukuthi bagibela amatekisi asesimeni esifanele futhi bangaphuzi uma beyogibela ngoba yibona abagcina sebehlukumeza abashayeli nabanye abagibeli.
"Sifuna uphele umqondo wokuthi kunezingozi zePhasika yingakho abanikazi bomsebenzi bezozihlolela bona amatekisi baphinde basebenzisane namaphoyisa ukuqinisekisa ukuphepha kwabagibeli. Siyacela abashayeli banikwe isikhathi esanele sokuphumula futhi bangalokothi bashayele bephuzile. Nabagibeli sicela bangaphuzi ngoba utshwala bubenza bahluphe," kusho uShangase.
Udonse ngendlebe abaya ezinkonzweni zePhasika ukuthi babhukhe amakhumbi kusenesikhathi futhi bangampintshani ematekisini kodwa babe yisibalo esivumelekile.
"Siyacela abantu bakithi bangabancengi abashayeli ukuthi babagibelise babe yisibalo eseqile kodwa okungcono babhukhe amakhumbi amaningi ukuze bafike bephephile lapho beya khona," kusho uShangase.