IZIKHULU zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ezithinteka embikweni wenkohlakalo yezigidi zamaRandi ekuthengweni kwezinsiza zokulwa nokusabalala kobhubhane iCorona, azikaqondiswa namanje ubugwegwe.
Lezi zikhulu ezamiswa emsebenzini ngo-Agasti, ziyaqhubeka nokuhola zihleli emakhaya njengoba umnyango ungakaluqali uhlelo lokuziqondisa ubugwegwe.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi umnyango uvele phambi kwekomiti elibhekelele ukusetshenziswa kwemali yomphakathi, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa), esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, izolo.
Lezi zikhulu zamiswa emsebenzini emuva kombiko owathola ukuthi kwaba nenkohlakalo ekusetshenzisweni kwezigidi zamaRandi ekwakufanele kuthengwe ngazo izinsiza zokuvikela lolu bhubhane.
Abaningi bashaya amakhala ngesikhathi kuvela ukuthi lo mnyango wasebenzisa uR22 million ukuthenga izingubo zokulala ezingu-48 000 ezazizonikezwa labo abangenamakhaya ngesikhathi sikathaqa.
Umbiko wathola ukuthi iningi lalezi ngubo zagcina ngokuduva emahhovisi omnyango njengoba zathengwa ngaphandle kokwenza ucwaningo lokuthi zizosatshalaliswa kanjani.
Kwabe sekumiswa emsebenzini izikhulu zomnyango ezingu-13 ezithintekayo kule nkohlakalo.
Inhloko yomnyango, uNkk Nelisiwe Vilakazi, utshele amalungu ekomiti izolo ukuthi zonke lezi zikhulu ezisamisiwe emsebenzini bezingakaze zivele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
“Sesiqedile ukwenza uphenyo. Seluzoqala uhlelo lokuqondisa abantu ubugwegwe. Ngesonto elizayo bakhona abazovela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.”
Uveze ukuthi lezi zikhulu zibhekene nenqwaba yamacala njengoba ethe esinye sazo sibhekene namacala angu-40.
Ababili balabo abathintekayo angeke babhekane nekomiti eliqondisa ubugwegwe njengebo omunye wesula ngaphambi kokuthi kuphothulwe umbiko kanti omunye washona.
Amalungu eScopa akugxekile ukuthatha isikhathi eside ukuthi lezi zikhulu zivele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe.
Ilungu leScopa uMnuz Sipho “KK” Nkosi, uthe okukhathazayo kakhulu ukuthi izikhulu lezi ziyaqhubeka nokuhola imiholo ephelele nakuba zihlezi emakhaya.
“Sekunesikhathi eside zamiswa emsebenzini. Sekuyisikhathi sokuthi sibone kukhona abantu abaxoshwayo.”
Elinye ilungu leScopa, uMnuz Francois Rodgers, lithe lesabela ukuthi kukhona ezinye izikhulu ezingagcina zisulile ngaphambi kokuthi ziqondiswe ubugwegwe.
“Sesike sayibona le bhayisikobho ngaphambilini. Uma sekuqala ukushisa exhibeni, ilapho kwanda khona izikhulu ezesulayo emsebenzini.”