AZIFAKE obishini amasosha asezikhundleni eziphezulu abonakale ebhema okusasikilidi emngcwabeni wesishoshovu se-ANC, uMnuz Andrew Mlangeni, kuleli sonto.
Ethula izibalo zobugebengu kuleli, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uGeneral Bheki Cele, uthe ukhulumile noNgqongqoshe wezokuVikela kuleli, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula ngoLwesine.
Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kubonakala amalungu amathathu ombutho wezempi ebhema kwenye i-video esabalele.
Abantu abaningi bakhwele badilika kuhulumeni oqhoqhobele izintambo ngalesi senzo, bemsola ngokwenzelela.
Uthe kunesinyathelo sangaphakathi esithathelwe amasosha abebhema laphaya.
UCele uthe akukwazi ukuthi umbutho obhekene nokugcinwa komthetho, kube ngamalungu awo aphuma eceleni okukajosoka.
"Kunesijeziso futhi sesenzekile," kusho uCele. AbeFair-Trade Independent Tobacco Association (Fita) neSA Tobacco Transformation Alliance (Satta) bathukuthele kabi ngalesi senzo futhi bafuna izimpendulo ngokushesha.
UCele uthe akuvaliwe ukubhema kodwa kumiswe kuphela ukudayiswa kukagwayi kuleli. Uthe kodwa usazophenya ukuthi ayikho yini imithetho yokuvalwa kwezwe ephuliwe kulo mngcwabo.