Izindaba

Ayizukushicilelwa kwabezindaba imiphumela ka-matric

Khulekani Maseko|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga Isithombe: ANA

UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo usuveze ukuthi ngeke ishicilelwe kwabezindaba imiphumela ka-matric yanyakenye, ngenxa yokulandela umthetho ogunyaza ukuvikelwa kolwazi.

Ngokwalo mthetho obizwa nge-Protection of Personal Information Act ka-2013, wonke umuntu unelungelo lokuba nemfihlo. Lokhu kuthinta ukugodlwa kolwazi ngomuntu ukuba lunganekelwa umphakathi ngaphandle kwemvume yakhe. UMnyango usuqinisekise ukuthi ngenxa yalo mthetho, ngeke kusashicilelwa uhlu lwabaphase u-matric emaphephandabeni njengengoba bekujwayele ukwenzeka.

Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, uthe abafundi bazohamba bayolanda izitatimende zabo ezikoleni abebefunda kuzo, ukuze kuvikelwe ulwazi lomfundi mayelana nemiphumela yakhe ka-matric.

Umnyango uthi lo mthetho uphoqa ukuthi ngaphambi kokuthi kushicilelwe imiphumela, bekumele uthole imvume kumfundi nomfundi, okuyinto ongakwazi ukuyenza okwamanje.

Lo mthetho uqale ukusebenza ngoJulayi 2021.