UMKHULU oneminyaka engu-78 osolwa ngokudlwengula akhulelise umzukulu sekuvele ukuthi unezifo ezimenza angakwazi ukukhulelisa nokuzibandakanya nocansi.
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo ngesikhathi ikhehla okuthiwa lingumfundisi elineminyaka engu-78 laseNewtown A, eNanda, elisolwa ngokudlwengula likhulellise umzukulu (19) licela ibheyili.
Encwadini evela kudokotela kamsolwa efundwe ummeli wakhe (igama lakhe elingatholakalanga), uveze ukuthi unezifo eziningi ezimvimba ukuthi aye ocansini noma akwazi ukukhulelisa, okubalwe kuzo ukuvuvukala kwendlala yamadoda, ukungasebenzi kahle komphambili kanye neHypothermia.
Ummeli uphinde waveza ukuthi lezi zifo zavela ngo2014 emva kokuthi umsolwa eshonelwe unkosikazi wakhe futhi akaphindanga wazibandakanya nocansi.
Uchaze umsolwa njengomnikazi wendlu obegade umzukulu okuthiwa umgilile kusukela ashonelwa abazali esemncane futhi enakekela ikhaya ngemali yempesheni.
Uthe kumele ayithole ibheyili ngoba akazange akuphikise ukuboshwa njengoba azinikela emaphoyiseni futhi akanayo i-passport kanti akanazo izinhlelo zokubaleka, uyathembisa ukuthi ngeke enze okuzophazamisa umthetho njengoba engakaze aboshwe phambilini.
Enkantolo kubuye kwafundwa incwadi evela kumseshi eveze ukuthi umphakathi waseNewtown A uwotha ubomvu, uthi awumdingi umsolwa endaweni ngenxa yesenzo esibi okuthiwa usenze kumzukulu wakhe obekumele engabe uyamnakekela kodwa kwaba “uyena omnukubezayo”.
Iphinde yaveza ukuthi umgilwa osegadwe ngesinye isihlobo sakhe uthola izingcingo ezimsabisayo kanti le ncwadi ichaze iNanda njengendawo eyingozi kumsolwa.
Umshushisi uMnuz Alex Mhlongo, uthe uphenyo aluphelele futhi kusalindwe imiphumela yolibofuzo.
Inkantolo ibe isikuhlehlisela ikusasa ukuqhubeka nesicelo sebheyili. Ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo umsolwa ubelokhu enikina ikhanda, kanti omunye obefake izivatho zenkonzo uke wakhala evukwa umoya ngesikhathi inkantolo imatasa.
Abanye abazalwane abebefake izivatho zenkonzo baphumele ngaphandle kwenkantolo bekhala bethi “ubaba uyasukelwa, uboshelwa amanqina enyathi kodwa ngelinye ilanda iqiniso liyovela”.