Ayithi shu igonyuluka yenkabi eyasoconga uMagaqa- ungoti
Image: Bongiwe Mchunu/African News Agency (ANA).
UKUBHOBOKA kwenkabi evume icala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, akwanele ukubophisa nabanye abachakidwa ile nkabi ukuba babeyingxenye yetulo lokusocongwa kukaMagaqa.
Ungoti wezomthetho wenkampani yabameli iDonda Attorneys, uMnuz Melusi Xulu, uthe ukuze kuboshwe kuphinde kushushiswe ngempumelelo bonke abachakidwe yinkabi, kofanele inkabi iphenduke ibe ufakazi woMbuso.
Umsolwa wesine ecaleni, uSibusiso Ncengwa, wavuma icala waphinde washo namagama abantu athi babeyingxenye yetulo lokusoconga uMagaqa.
Ebantwini ababala, kukhona kubo avele aboshwe nabo kuleli cala, uMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana noMlungisi Ncalane, kanye nabantu abangaboshiwe kuleli cala.
UNcengwa uzogwetshwa ngoJuni 30.
UXulu uthe ukuze uMbuso ukwazi ukusebenzisa ubufakazi bukaNcengwa kuzofanele ukuthi aphenduke ufakazi wenkantolo.
"Okwamanje uNcengwa usavume icala nje kuphela. Ngokwesigaba 219 somthetho wamacala, ubufakazi bomuntu ovuma icala abusetshenziswa ukugweba abanye ngaphandle uma evuma icala ngaphansi kwesigaba u-204. Ngaphansi kwalesi sigaba umuntu osuke eyingxenye yecala ukhomba abanye, aphinde abe ufakazi wenkantolo. Ubufakazi bakhe ke buyasetshenziswa. Into eyaye yenzeke ukuthi ufakazi uyaye avume icala ngaphambi kokuthi agwetshwe, bese kuba nezivumelwano."
UMyeza noMpofana bazovela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, kusasa, lapho bezonikezwa kabusha uhlu lwamacala kulandela igonyuluka kaNcengwa.
"Silindile ukubona laba ababili ukuthi bazothini uma sebevela enkantolo, sibone nobufakazi obukhona ukuthi buthini. Ukuvuma icala kukaNcengwa kukodwa akwanele ngaphandle ke uma engasintsha ngaphambi kokuba agwetshwe, aphenduke ufakazi woMbuso."
UXulu uthe uma uNcengwa engaphenduka ufakazi wenkantolo kungaphinde kube lula ukuthi uMbuso ubophe nabanye abakhonjwa uNcengwa.
"Uma uNcengwa engavuma ukuba ufakazi wenkantolo kungagcina sekusetshenziswa ubufakazi bakhe ukugweba laba abanye."
Abanye bala bantu abakhonjwa uNcengwa sebashona, kubo kukhona umuntu owadubula kanye nongqondongqondo ekuhleleni itulo lokusoconga uMagaqa.
UMagaqa wasocongwa ngo-2017 ebuya emhlanganweni wamakhansela.
Ngesikhathi esocongwa uMagaqa wayeyikhansela kuMasipala waseMzimkhulu.
Kukholakala ukuthi uMagaqa wasocongelwa ukuveza inkohlakalo ohlelweni lokulungiswa kwehholo olwalwenziwa uMasipala waseMzimkhulu.
UNcengwa waveza ukuthi bahlukaniselana u-R120 000 ngokusoconga uMagaqa.
Uthe ngokuhamba kwesikhathi wabuye wathola ukuthi empeleni imali abakhokhelwa yona u-R600 000.
Related Topics: