ABASEBENZI bezempilo kumele baqaphele uma benikeza iziguli ezineCovid-19 ama-antibiotics ngoba kwezinye iziguli angaholela ekutheni isifo singabe sisezwela uma selashwa ngamanye amakhambi.
Lokhu kushiwo wuSolwazi Sabina Essack, uSihlalo weSouth African Research in Antibiotic obuye asebenze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
USolwazi Essack uthe ucwaningo luveza ukuthi emphakathini nasezikhungweni zezempilo ama-antibiotics asetshenziswa noma isidingo singekho okugcina kudale izinkinga.
“Abasebenzi bezempilo kumele basebenzise ubuhlakani bacubungulisise ngaphambi kokunikeza iziguli ama-antibiotics bangathi bayelapha kanti sebandisa amathuba okuthi isiguli singelapheki,” usho kanje.
Inhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO) ithi abantu abaningi abangenwe yiCovid-19 kulindeleke ukuthi babe nezimpawu ezincane zomkhuhlane nenkinga yokuphefumula kahle kodwa iziguli eziningi ziyalulama ngaphandle kokuthi kusethenziswe imithi etheni.
I-WHO ithi abantu okulindeleke ukuthi bagule kakhulu ngabantu abadala kanye nabantu abanezinye izifo eziyimbelesela. Iziguli ezinesifo senhlliziyo, esikashukela, umdlavuza nezifo ezithinta ukungaphefumuli kahle ezingelapheki yizo okulindeleke ukuthi zigule kakhulu.
Kulokhu uSolwazi Essack uvunyelwe nawuDkt Ariel Blocker we-International AntiMicrobial Resistance othe ukungabi khona komshanguzo oqondile wokwelapha iCovid-19 kuholela ekutheni abanye abasebenzi bezempilo banikeze iziguli ama-antibiotics asetshenziselwa ukuthithibalisa igciwane lengculazi, alapha umalaleveva namanye ama-antibiotics kanyekanye, abanye bawasebenzisa ngokwehlukana.
“Okwamanje alukho ucwaningo oselwenziwe olukhomba ukuthi ma-antibiotics ayasebenza. Ucwaningo olwenziwe eWuhan, eChina, ngeziguli eziwu-99 ezineCovid-19 luveze ukuthi iziguli ezinikezwe ama-antibiotics singekho isidingo zigcina zibe nezinkinga eziningi. E-United States iziguli ezisebenzise ama-antibiotics eziningi zigcine sezingenwa i-pneumonia,” kusho uSolwazi Essack.