ABAHLAZIYI bezepolitiki bathi ayizange ilibuyise ithemba inkulumo eyethulwe umengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, kwi-Januwari 8.
Abahlaziyi bathi inkulumo kaRamaphosa ayethule emgubheni weminyaka engu-110 kwasungulwa i-ANC ibigcwele izethembiso ezingeke zifezwe.
I-ANC iyigubhele esifundazweni iLimpopo iJanuwari 8 yakulo nyaka, lapho uRamaphosa enze khona izithembiso ezinqala.
Phakathi kwalezi zithembiso kubalwa nokuthathela izinyathelo amalungu ale nhlangano asolwa enkohlakalweni kanye nalawo athintekayo embikweni wekhomishini ePhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Kepha abahlaziyi bezepolitiki bathi isethembiso sokulwa nenkohlakalo sesiphenduke iculo kwi-ANC.
Umhlaziyi ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe akasiboni lesi sethembiso sifezeka.
Uthe uRamaphosa ngesikhathi engena ezintanjeni zoMbuso kwakubhekwe lukhulu, kepha wehluleke wancama ukulwa nenkohlakalo.
“Kuningi abantu abebekulindele kuRamaphosa ngenxa yokuthi ngesikhathi ekhankasa, wenza isethembiso sokulwa nenkohlakalo.
“Kusukela kuphethe yena inkohlakalo iqhubekile. Ngakho ke izethembiso zakhe asisazinaki.”
UNdlovu uthe noma ngabe uRamaphosa ubefisa ukulwa nenkohlakalo, bekuzokuba nzima ukukwenza lokho ngenxa yokuthi baningi abantu abasezikhundleni eziphezulu kwi-ANC abathinteka ezenzweni zenkohlakalo.
Uthe labantu abathinteka ezenzweni zenkohlakalo ngeke bavume ukwehla ezikhundleni.
UNdlovu uthe akayiboni inkulumo kaRamaphosa izokwazi ukusiza i-ANC ukuba ikwazi ukubuyisa amavoti ewalahlekele ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka owedlule.
“Bazoqhubeka balahlekelwe amavoti, ikakhulukazi esifundazweni iKwaZulu-Natal, ngoba abantu abaningi abamfuni uRamaphosa.”
UNdlovu uthe ubona uRamaphosa esazokwazi ukuthola ihlandla lesibili njengomengameli we-ANC yize inhlangano ilahlekelwe amavoti amaningi okhethweni olwedlule.
“Uma uzobheka indlela akwaze ngayo ukubhekana nalolu hlangothi olungamfuni kwi-ANC, uyabona ukuthi maningi amathuba okuthi aphinde akhethwe futhi. Enye inkinga ukuthi akekho omunye omuntu kwi-ANC ombonayo ukuthi angabhekana naye.”
Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Mpumelelo Mkhabela, uthe ziningi izinto uRamaphosa obekufanele engabe uzishilo enkulumeni yakhe angazange azisho.
Uthe uRamaphosa wehlulekile ukukhuluma ngezinkinga ezibhekene nabantu baseLimpopo, nokuyilapho abethula khona inkulumo yakhe.
UMkhabela uthe ukuba uRamaphosa unofuqufuqu lokulwa nenkohlakalo, kunenqwaba yongqongqoshe okufanele engabe kade abaxosha.
“Uyena onamandla okuqasha nokudiliza ongqongqoshe. Kunenqwaba yongqongqoshe abasolwa ngenkohlakalo. Kungani engabaxoshi?”
Uthe ubona i-ANC isazoqhubeka ukulahlekelwa ukwesekwa.
“Basekude ukuphuma kulolu bishi abakulo.”