KUYINTO ejwayelekile ukuzwa bantu bethi ingane izalwe yembethe noma uzwe abelaphi bendabuko nezangoma bethi izinto zomuntu azihambi kahle empilweni ngoba wazalwa embethe, kwalahleka ‘ingubo’ yakhe esibhedlela ngesikhathi unina ebeletha.
Muva nje, lokhu kuphinde kwagqanyiswa ngumlingisi ophinde abe ngumdansi, uKhabonina Qubeka njengamanje obopha isibhedlela esizimele esisola ngokushisa ‘ ingubo’ ebiyembethwe wusana lwakhe ngesikhathi eteta.
Ucashunwe ethi kuningi abefuna ukukwenza ngawo, ubala nokwenza izinto ezimayelana nesiko lesintu ngayo.
Kodwa odokotela bathi kubalulekile ukuthi abantu baqonde umehluko okhona phakathi komzanyana (placenta) nebhamuza lamanzi (amniotic sac) elivikela umzanyana ogcina ingane. Bathi mkhulu umehluko phakathi kwalezi zinto zombili yize kwenza umsebenzi ofanayo wokuvikela ingane esiswini. Ngokusho kukaDkt Bongani Nxumalo ayikho indaba yokuthi ingane izalwa yembethe.
Uqhuba athi kubona njengodokotela, yinto okusuke kuzikhulunyelwa nje ngayo.
Uveze ukuthi umzanyana ukhula ngezigaba nengane esiswini ukuze ukwazi ukuyiphakela ukudla, umoya uphinde uyivikele ingalimali. Zintathu izinto athi zibalulekile ngomzanyana indlela nendawo ohleli kuyo, usayizi wayo kanjalo nendlela ophuma ngayo uma owesifazane esebeletha.
“Uma ukhulelwe kumele umzanyana okungenani ubewu-22 cm(9 inches) ukuvuleka bese ngesidumbu ubewu-2 kuya ku-2.5 cm (0,8 kuya ku-1 inche). Wonke umuntu wesifazane uba nawo umzanyana ngoba uqala enamasonto ambalwa ukukhula.
Into eba wumehluko, usayizi njengoba kunesikalo esifanele kodwa abanye abantu baba nenkinga yokuthi ube mncane nokuyingozi kakhulu. Imvamisa umzanyana uba mncane kubantu abaneBP noshukela ngoba uyasha kunciphe. Echaza ngalokhu okumhlophe nokusabhamuza, okumboza ingane bese kuthiwa ibimbethe, uthe kuyinkolelo nje engasho lutho ngokwezempilo.
“Leli bhamuza lisuke linamanzi avamise ukuqhunyiswa uma umuntu ehelelwa/ esuselwa ukuze asheshe abelethe. Kodwa abantu besifazane abafani, kuyenzeka omunye azibelethele kahle ngaphandle kokuqhuma kwamanzi. Yilona leli bhamuza elimboza ingane bese kuthiwa izalwe yembethe. Akusho lutho futhi akwenzi umehluko ngokwezempilo,”kusho uDkt Nxumalo.
Egcizelela ngalolu daba, uthe uma owesifazane okhulelwe edla imishanguzo ethile nakho kuyaba nomthelela ekutheni umzanyana wakhe ube nezinkinga. Odokotela bathi uma ingane isesiswini isuke ingakakwazi ukwenza konke okukhulisa ingane njengokudonsa umoya oyilingene, isikalo sokudla esanele nenani lemishanguzo okumele iyilekelele nonina ukuze ikhule. Konke lokhu ikwenza ngosizo lomzanyana ongenazo izinkinga.