UMNDENI usulilahlile ithemba lokuthi liyobuyela ekhaya liphila ibamba bukhosi esizweni sakwaNyuswa uMakhosandile Ngcobo (54), owathunjwa ngo- Ephreli nonyaka esesigodlweni sakhe ngabasolwa ababezenza amaphoyisa.
UMnuz Mqondisi Ngcobo okhulumela umndeni, uthe abasenalo ithemba lokuthi lapho ekhona uyaphila njengoba sekuphele izinyanga eziyiskhombisa athunjwa, wasola amaphoyisa ngokuhudula izinyawo.
“Isifiso sethu ukuthi noma ngabe akasekho kodwa sikwazi ukufihla ithambo lakhe. Isimo emndenini sesiqala ukuba ngcono noma kusenzima kodwa sekukhona ukwamukela. Akukho esikuzwayo ngalolu daba kusathule kangangoba namaphoyisa awasasho lutho. Okunye okwenza sibone ukuthi amaphoyisa ahudula izinyawo, ukuthi ngonyaka odlule usinde edutshulwa, wabasho abantu ababonayo kodwa kuze kube manje akukaboshwa muntu ngaleso sigameko,” kusho uNgcobo.
Uthe ukholwa ukuthi abantu abathumba uyise, kuseyibona kanye laba abake bazama ukumbulala ngoSepthemba nyakenye.
Kuthiwa umndeni wawusanda kuqeda isidlo sasebuuku ngesikhathi abasolwa bevula ngenkani isango, bapaka izimoto bakhomba amanye amalungu omndeni ngezibhamu baphoqa ukuthi kukhishwe uNgcobo.
Kuthiwa baqale babulala isicabha segumbi lapho uNgcobo ayezivalele khona, babopha wonke amalungu omndeni izandla, baphuma nomgilwa okwaba wusuku agcina ukubonakala ngalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe umgilwa akakatholwa kanti amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.