ISILO samabandla wonke uMisuzulu kaZwelithini, sithi izibhelu ezihambisana nokuzitapela ezitolo kanye nokucekelwa phansi kwempahla, zehlisa isithunzi sesizwe samaZulu.
Isilo sinxuse isizwe ukuba siyeke lo mkhuba, saxwayisa ngokuthi izibhelu zizokhahlameza kakhulu labo abahlwempu. Isilo sikhuluma kanje nesizwe izolo, oLundi.
Inkulumo yeSilo ifika ngemva kwezibhelu eziqale ngesonto eledlule, futhi zisaqhubeka, kanti sekulahleke inqwaba yemiphefumulo ngenxa yazo. Lezi zibhelu ziqale emva kokuboshwa kwalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, odonsa isigwebo sezinyanga eziwu-15 ejele, ngecala lokukwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
INgonyama ithe mkhulu umonakalo osudalwe yimibhikisho enodlalme, saxwayisa ngomthelela ongemuhle kwezomnotho.
“Angikaze ngicabange ukuthi ngizobona abantu bakithi bebandakanyeka ekushisweni kwezwe, ngothi lukamentshisi. Nina beSilo, okubuhlungu kakhulu ukuthi lesiphithiphithi silimaza umnotho wakithi. Labo abahlwempu yibona abazohlupheka kakhulu ngenxa yalesi senzo,” kusho uMisuzulu.
Uqhube wathi lezi zibhelu zihudulela phansi isizwe samaZulu.
“Isizwe sakithi siyahlonishwa umhlaba wonke futhi saziwa njengesizwe esiziqhenyayo ngokuba nenhlonipho nokuziphatha. Ngiyaninxusa bantu bakababa, ubuZulu buyifa okumele siligade njengomcebo wethu.
“Ngakho nginxusa isizwe samaZulu ukuba sihoxe ekubambeni iqhaza ekubhujisweni kwezwe. Nginxusa ukuba kube nokuthula nokuthi kubuyiswe isithunzi samaZulu. Nginxusa abantu bakithi ukuba babe yisibonelo esihle. Asingavumeli ezombangazwe ukuthi zidicilele phansi isithunzi sesizwe sakithi. Ngakho kumele sonke sithathe isinyathelo sokubuyela emuva siyobheka umonakalo odalwe ngabantu bakithi.”
Isilo siphinde sakhuza ukungezwani osekuqubuke phakathi kwamaZulu kanye nabomdabu waseNdiya. Ezinsukwini ezedlule lezi zizwe zibambane ngezihluthu eThekwini, kwaze kwaphuma nezidumbu ngesikhathi kuqhubeka lezibhelu.
Isilo sithe amaZulu namaNdiya asehlalisane kahle iminyaka eminingi ngokuthula kulesifundazwe, sanxusa abantu behlise amaphaphu.
“Ngisho abaholi baseNdiya bayafika lapha, bancome ukuthi sihlalisene kahle nabantu bakubo. Kwamina ngizizwa ngithuthumela ngalesi simo esiqhubekayo.”
Inkulumo yeSilo ibambezeleke ngamahora amabili. Undunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uthe inkulumo ibambezeleke ngenxa yokuvimbeka kweSilo kuzo lezibhelu, njengoba imigwaqo eminingi ivaliwe.