Izindaba

Ayavela amasosha abhekene nelokubulala us'gaxamabhande

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuboshwe amasosha amabili ngamacala okubulala usgaxamabhande

Image: Umfanekiso ogciniweyo

BABILI abasolwa okulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngecala okubulala nokuthumba.

Abasolwa okuyizikhulu ezimbili ze-SANDF, ezineminyaka engu-36 no-51 ubudala, ziboshwe ngeSonto, e-OR Tambo International Airport naseCenturion, ePitoli. 

Laba baboshwe uphiko loKlebe oluphenya amacala abucayi, kanye neTactical Operations Management Section (TOMS).

Ukuboshwa kwabo kuhlobene nokubulawa kukaLieutenant Colonel Frans Mathipa, owadutshulwa washona ngesikhathi eshayela emgwaqeni onguthelawayeka u-N1 ngaseHammanskraal ngomhlaka-06 Agasti 2023. Ngesikhathi edutshulwa imoto ayehamba ngayo yaphaphalaza yawela emgodini.

ULieutenant Colonel Mothipa owadutshulwa wabulawa kuN1

Image: SAPS

ULieutenant Colonel Mathipa, besebenzela oKlebe ngaphansi kophiko lweSerious Organised Crime Investigation , eGauteng, ubesemsebenzini eqhuba uphenyo ngesikhathi eshona.

Uphenyo loKlebe lubaholele nasemotweni yomsolwa oneminyaka engu-36. Imoto kusolwa ukuthi yasetshenziswa ekuthunjweni amadoda amabili angowokufika kuleli enxanxatheleni yezitolo eMidrand ngomhlaka-29 Disemba 2022 ngaphambi kwecala lokubulala elenzeka ngonyaka olandelayo. Imoto izogcinwa emaphoyiseni njengoba kuqhutshekwa nophenyo.