SIYANDA isibalo samakhosi azwakalisa ukweseka iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ngaphambi kokuba kuqale ukuqulwa kwecala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Amakhosi angaphansi kwenhlangano yabaholi bomdabu, i-Organisation of Indigenous Leaders of SA, aveze emhlanganweni ngempelasonto, ukuthi eseka iSilo yize kunomdonsiswano ngokufanele angene ezihlangwini zeNgonyama esanda kubuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Lokhu kuza sekusele kancane kuqale ukuqulwa kwecala elithinta umbango wesihlalo sobukhosi, elizongena kusasa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Inkosi Nsikayezwe Cebekhulu, ebeyingxenye yomhlangano, ithe bavumelane ngo-“elethu” ukuthi bazokweseka iSilo yize kusenombango eNdlunkulu.
Amanye amalungu aseNdlunkulu afuna ukuba elinye lamazinyane kaMdlokombane, uMntwana uSimakade Zulu, lingene esihlalweni sobukhosi.
UCebekhulu uthe bona abanakho ukudideka ngokufanele angene esihlalweni.
“Thina singamakhosi simile neSilo esisesihlalweni. Incwadi yefa eyashiywa yiNdlovukazi (uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu) yakubeka kwacaca ukuthi ngubani okufanele angene esihlalweni. Thina siyayazi inkosi yethu,” kuchaza uCebekhulu.
Ukwesekwa kweSilo ngamakhosi angaphansi kwale nhlangano, kuza kungakapheli isikhathi esingakanani amakhosi ayingxenye yendlu yobuholi bomdabu ezifundeni iZululand, neKing Cetshwayo, eveze ukweseka iSilo.
Ngenyanga edlule amakhosi angaphansi kwalezi zifunda, angqongqoza athembisa ukuyoseseka kusasa enkantolo. Kepha izolo uCebekhulu uthe bagcine benganqumanga ukuthi bazokuya yini ukuyokweseka enkantolo. Lokhu uthe kube nongabazane ngemva kokuba undunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, ekhiphe isitatimende unxusa uZulu ukuba ungathutheleki enkantolo kusasa.
Esitatimendeni, uButhelezi uthe ukuthutheleka kwezinkumbi zabantu enkantolo kusasa kungadala ukusabalala kobhubhane iCorona. UButhelezi uveze ukuthi yen neSilo angeke baye enkantolo njengoba ubhubhane iCorona lusadla lubi. UCebekhulu uthe lokhu kudale ungabazane, bagcina bengaphumanga nesinqumo. Icala lizolalelwa kusasa nangoLwesithathu.
Leli cala lihlukene kabili. Elokuqala lafakwa nguNdlunkulu waKwaKhethomthandayo, uSibongile Dlamini-Zulu (uNdlunkulu wokuqala kaMdlokombane). UNdlunkulu ufuna ukuthola uhhafu wamafa kaBhejane ngoba uthi umshado wabo uhlanganisa amafa.
Elesibili lafakwa ngabaNtwana baKwaKhethomthandayo, uNtandoyenkosi noNtombizosuthu. Bafuna kuchithwe ukuqokwa kweNdlovukazi engasekho njengeBamba bukhosi ngoba basola ukuthi kukokoteliwe ukusayina kukaMdlokombane, encwadini yefa eyayisho lokhu.