IFUNA kuqiniswe umthetho kwabashayela bephuze ngokweqile inhlangano elwa nabashayela bephuzile iSouth Africans Against Drunk Driving (SADD).
UMengameli Cyril Ramaphosa uthe bazowuguqula umthetho ukuze lehliswe izinga lotshwala elivumeleke egazini labantu abasuke beshayela.
“Sizowushintsha umthetho ukuze kwehliswe izinga elivumelekile kubashayeli. Sifuna ukulehlisa ngoba labo abashayela bephuzile, ucwaningo luthi yibona ababulala abantu ezingozini zomgwaqo,” kusho uRamaphosa ngesikhathi ethula umkhankaso weNyanga yezokuThutha eHiedelburg, Ekurhuleni, eGauteng, ngempelasonto.
UNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, uthe bazolala bebaliwe abashayela bephuzile, akadlali nabo.
Uveze ukuthi njengoba kuzoqala i-Administration Adjudication of Road Traffic Offences (Aarto) ngoJuni wonyaka ozayo, kuzobashubela abaphula umthetho.
UNkk Caro Smith, ongumsunguli we-SADD uthe bamzwile uMengameli Ramaphosa ethi ufuna liphinde lincishiswe izinga elamukelekile eliba segazini labashayela bephuzile kodwa abahambisani nalokhu.
“I-SADD icela uMengameli noNgqongqoshe wezokuThutha baliyeke izinga lotshwala elisegazini labantu ku-0.05g kubashayeli abajwayelekile no-0.02g kwabashayela amabhasi namatekisi. Leli zinga lihambisana nesikalo esibekwe yiWorld Health Organisation (WHO) ngakho kufanele liyekwe. Esikudingayo wukuthi kuqine umthetho. Abantu uma behlolwa kugcinwe kahle ubufakazi bese beyiswa enkantolo ngokushesha,”
Uthe abantu kufanele bahlolwe njalo izinga lotshwala kwizivimbamgwaqo, baphucwe amalayisensi uma bedlulile esikalini esisemthethweni bese beboshwa uma bebulale umuntu ngenxa yokushayela bephuzile.
“Izinga lotshwala okufanele lishintshwe ngelabashayeli abasanda kuthola ilayisensi kungakhathaleki ukuthi baneminyaka ewu-18 noma ewu-40. I-WHO ithi abashayeli abasanda kuthola amalayisensi kufanele babe nezinga lotshwala elingaphansi kuka-0.02g egazini. U-0.02 usho ukuthi abakwazi ngisho ukuphuza ithotho ye-whiskey,” kusho uNkk Smith.
Uthe kuningi abakwenzayo ukugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphuze ngendlela ehlelekile.
Njengoba sekuqala izinsuku zobumnandi, uNkk Smith ukhumbuze abantu ukuthi * -0.02g wotshwala ulingana nethotho eyodwa ye-vodka.
Kwabaphuza ubhiya, ikhothi eyodwa (750ml) iwu-0.07g okusho ukuthi idlulile ezingeni elamukelekile.
Kwabaphuza iwayini ingilazi eyodwa (250ml) ilingana no-0.07g okusho ukuthi nalo lingaphezu kwesikalo esamukelekile.
Uthe abantu kufanele baphuze i-unithi (0.02g) eyodwa yotshwala ngehora.
Uphethe ngokuthi ukuze abashayeli bangazitholi besenkingeni akufanele baphuze bese beshayela ngoba ngisho unotshwala obungu-0.03g egazini ubekwa icala lokushayela uphuzile.