ABAMAQEMBU epolitiki aphikisayo bafuna asule esikhundleni uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele. Bamsola ngokwehluleka ukuvikela umphakathi ngenkathi kuqubuka izibhelu kuleli sonto, lapho kuluthwe izitolo kwacekela phansi nempahla. Amanye amaqembu athi kumele bachithwe bonke ongqongqoshe abasemkhakheni wezokuvikela kuleli.
Umholi weDA, uJohn Steenhuisen, ulibeke ngembhaba elokuthi umengameli kumele amkhombe indlela uCele ngoba uhlulekile ukuvikela izwe njengongqongqoshe. Uphinde wakhala nangoNgqongqoshe wezobuNhloli kuleli uNksz Ayanda Dlodlo, wathi naye kumele ashenxe esikhundleni.
“Kumele aphume uDlodlo, wehluleke wancama ukuvikela izwe,” kubeka uSteenhuisen.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa uthe bonke ongqongqoshe abasemkhakheni wezokuvikela abawenzanga umsebenzi kumele bachithwe, wabalula uCele noDlodlo.
“Bonke ongqongqoshe bomkhakha wezokuvikela bahlulwe umsebenzi, kumele bachithwe bonke. Kubukeka siyizwe esingenazo ezobunhloli. Kwakumele ezobunhloli zazi ngalesi simo sezibhelu singakenzeki. Ngisho uMntwana waKwaPhindangene washo ukuthi akutshalwe amasosha kodwa akekho owakunaka lokho. Kunalokho bagcine sebeletha amasosha angu-2500 esikhundleni samasosha amaningi, okukhomba khona ukuthi bebenza into abangayazi nje futhi bengabuboni nobungozi,” kusho uHlabisa.
USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza uthe kumele kuhambe lonke ikhabhinethi likaRamaphosa kuhlanganisa noCele.
“Lento idalwe wuqhekeko oluphakathi kwi-ANC olwenze bangakwazi ukusukumela lesi sibhicongo singakenzeki. Abeseka uZuma phakathi kwi-ANC balixwayisile ithimba likaRamaphosa ukuthi lingambophi uZuma ngoba izwe alizolawuleka kodwa bona bangalalela. Bekumele baqinise ezokuphepha ngoba bese bebonile ukuthi akuphephile kodwa bayekelela. Thina sithi akuchithwe uRamaphosa nethimba lakhe lonke,” kusho uKhoza.
UMnuz Cenaan Mdletshe weNFP, uthe bona bayahambisana nokuthi axoshwe uCele kodwa akumele achithwe yedwa.
“ Bonke abasemkhakheni wezokuvikela bayathinteka. Sicela uRamaphosa enze uphenyo ukuthi ngubani ongawenzanga umsebenzi wakhe, njengoba kuvela ukuthi bonke bebenalo ulwazi ngokuzokwenzeka ngaphambi kokuba kwenzeke. Naye uRamaphosa uyathinteka kulokhu ngoba akenzanga lutho njengoba evezile ukuthi abenzanga okwanele ukuvikela izwe, sebetsheliwe ngobungozi obungase benzeke. Sifuna uphenyo lusheshe, kube khona abahambayo, ” kusho uMdletshe.
Ephawula uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele ngezindawo zaseKZN ezikhahlamezekile ngenxa yodlame, nalapho kusolakala ukucwaswa ngobuhlanga, uthe kungabe akwenzakalanga umonakalo omkhulu ukube umbutho wamaphoyisa ulusukumele phezulu lolu daba.
“Yize kukhona lapho esingenzanga kahle khona, siwenzile umsebenzi kwezinye zezindawo njengoba echazile noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa ngenkathi ethula inkulumo yakhe ngemva kokuhambela isifundazwe saKwaZulu-Natal. Inxanxathela yezitolo eseWestville, iPavillion ingenye yezakhiwo esenze isiqiniseko sokuthi siyaziqapha. Ingqalasizinda yamanzi kanjalo nezibhedlela ngokunye kwezindawo ebesilokhu sizigade ngeso lokhozi,“ kubeka uCele.
Phakathi kwezindawo ezihanjelwe nguCele ngempelasonto eThekwini kubalwa iPhoenix, KwaMashu, Zwelisha, Bhambayi, Amawoti, Mobeni nezinye.