ABAMELI babantu abangu-32 okubalwa amaciko, abahleli bemicimbi, abanikazi bama-sound system nabanye ababoshwa embhikishweni kuN3 ngesonto eledlule, bazokwenza izethulo zokuthi amacala abo ahoxiswe.
Phakathi kwabo kubalwa abaculi uNaima Kay, Benzy, My Lord, Beast, Character, DJ Boonu, DJ Mngani, Khaya “GC” Dladla, abahleli bemicimbi uCebo Gama noXolani Zwane nabanye, bathweswe amacala okuhlangana ngokungemthetho nokuphazamisa ukuhamba kwezimoto emgwaqweni onguthelawayeka.
Bevele eNkantolo yeMantshi esePinetown okokuqala izolo, emuva kokuboshwa kwabo bebhikishela ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa avule imicimbi. Bangaphandle ngebheyili kaR1 000 umuntu emunye.
Igcwale phama inkantolo ngenkathi bengena nabaholi bezinyunyana zabo ukuthi bayothamela. Bebekhululekile iningi labo lifake izimpahla ezimnyama.
Icala alithathanga isikhathi eside ngoba lihlehlisiwe ukuze benze izethulo zokuthi kungani kumele lingaqhubeki. Umshushisi uNdoda January neMantshi uK Pillay, abakuphikisanga. Icala libe selihlehliselwa ku-Okthoba 23.
Umlingisi uNocxy Mabika ubengekho enkantolo kuvele ukuthi akaphilile, okuzomele eze nencwadi kadokotela ewubufakazi uma icala selibuyela. Ummeli wabasolwa uSiphiwe Mncwango, utshele Isolezwe ukuthi bakholwa ukuthi uMbuso awunalo icala eliqinile.
“Asiboni ukuthi icala lizophumelela enkantolo ngenxa yesikubonile kwidokodo. Sizokudalula konke ezethulweni esizozenza,” kusho uMncwango.
Ngaphandle kwenkantolo amanye amaciko abephume ngobuningi bawo ukuzokweseka abebevela.
Bekukhona nabasuka eGoli abazibiza ngeSisterhood, uDJ Oskido, Eugene Mthethwa weTrompies, umsunguli weSummer Song u-Owen Ndlovu nabanye.
Bebecula izingoma zomzabalazo bethi bafuna imicimbi ivulwe.