IPHUNGA lenyubathi, elemfucuza, izihlahla eziqhuma ezindongeni, amanzi ehla ngezindonga ageleze egcekeni, yizinto ohlangana nazo uma ungena ehostela eTehuis eMlaza.
Abahlala ehhostela bathe sekuphele unyaka bekhuluma nabaphathi behostela iTransnet ukuthi babalungisele amapayipi kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
Kungekudala abahlala ehostela kuthiwa baxoshe imenenja yehostela ngoba bethi awukho umsebenzi wayo ngoba yehluleka ukulungisa isimo sasehostela.
Unobhala wekomiti labahlala ehostela, uMnuz Jabulani Mbhele, uthe isimo siqale ukuba sibi kakhulu ngo-2017 emuva kokuthi kube nemvula enkulu eyalimaza izakhiwo eziningi eMlaza.
“Kwadilika izindonga, ezinye zaklayeka kwaphazamiseka ingqalasizinda ephakela amanzi ehostela namapayipi. Kunezitezi amanzi angasafinyeleli kuzo okugcine kuholele ekutheni abahlali bakhethe ukuzimbela amapayipi bawalungise kodwa ingqalasizinda yokuhanjiswa kwenyubathi isaphazamisekile. Kunezitezi ezinamathoyilethi okungasangeneki kuzo ikakhulukazi eziphansi ngoba udoti ubuyela ngaphakathi uphuphume ugcwale lonke ithoyilethi,” kusho uMbhele.
AMANYE amabhilidi aseqhume izihlahla ezidongeni ngenxa yokuthi abahlala ehostela bathi abakwaTransnet ababanaki uma bebika ngengozi yezinye izindlu abahlala kuzo Izithombe: Nqobile Mbonambi/African News Agency(ANA)
UMbhele uthe amanzi angcolile agelezayo ayingozi ezinganeni zabo nakubo uqobo.
“Amanye amanzi angena ophahleni ehle ngodonga angene ezigujini zikagesi, ziqhume. Abanesibindi bayazijuba bangene bawulungise ugesi ngoba iTransnet ayifiki uma siyibikela. Ngelinye ilanga sizoqhuma isigubhu kulimale umuntu. Okubi wukuthi siqale ukunganakwa sikhokha sekuze kwafika esigabeni lapho abasebenzi bethe ngeke besakhokha,” kusho uMbhele.
UMnuz Sonwabile Radebe, naye osekomitini labahlala ehostela, uthe omiyane nezinye izinambuzane azisalawuleki.
Okhulumela iTransnet, uMnuz Molatwane Likhethe, uthe abakwaTransnet bayalazi udaba lwehostela futhi sekunesikhathi beba nemihlangano yokubonisana ngezindlela zokulungisa isimo.
“Seluqalile uhlelo lokuqoka inkampani esizoyinika ithenda. Luqhutshwa wuphiko lwezakhiwo lwakaTransnet. Isimo sehostela sizolungiswa maduze,” kusho yena.