UNGQONGQOSHE wokuThuthukisa uMphakathi, uNkk Sisisi Tolashe, ekhuluma emcimbini abewenzele eManguzi Multipurpose Centre, eManguzi, ngoLwesihlanu
Image: SITHUNYELWE
'KUYIPHUTHA elikhulu kabi ukuthi umphakathi ubheke uhulumeni ukwenza yonke into ukuwufukula nokulungisa yonke into eyonakele emphakathini ophila kuwona, kunalokho kudingeka sibambisane futhi sihlangabezane ukuze konke kube kuhle ngoba empeleni akuwona umsebenzi wethu ukukhulisa abantwana emakhaya abaphila kuwona.'
Usho njalo uNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukisa uMphakathi, uNkk Sisishi Tolashe, ephosela umphakathi inselelo yokuthi ubambisane nezinhlaka zoMnyango awuholayo ukuqinisekisa ukuthi kuyancipha futhi kuphele izinselelo ezenza inhlalakahle yomphakathi ingabi yinhle.
UNkk Tolashe ubekhuluma eManguzi Multipurpose Centre, eManguzi, enyakatho yeKwaZulu-Natal, lapho abevakashele khona umphakathi wakule ndawo ukuzoxoxa nawo futhi azwe ukuthi yiziphi izinto nezinselelo eziwuhluphayo ukuze zilungiswe, kubalwa inkinga yabangakwazi ukuhola izibonelelo zabo ngokwehlukana kwazo, walalela nezinselelo ezenza inhlalakahle yomphakathi ibe yinkinga.
“Okunye engifisa ukuthi sikwenze kube wumthwalo wethu wukuthi sivikele abantu abadala esihlala nabo emakhaya ethu ngoba okuningi okubahluphayo, kubalwa nenkinga yokuthi bangakwazi ukuhola ngesikhathi imali yabo yempesheni. Siyazi ukuthi isikhathi esiningi kudalwa wubugebengu obenziwa ngabantu abahlala nabo bokungabanaki, babayekekele ukuhamba bodwa uma beyohola. Lokhu kwenza kube lula ukuthi bagetshengwe kanti futhi ngeke sikubalekele ukuthi kwesinye isikhathi bagetshengwa ngabantu abahlala nabo,” usho kanje.
Kuwo futhi lo mcimbi kunikelelwe ngomfaniswano wesikole ezinganeni ezingaphezu kwa-20 eziphila emindenini eswele, kwase kwasizwa namalungu omphakathi ezinselelweni zawo ezahlukene ezenza kube nzima ukuthola izibonelelo zazo zanyangazonke, kwasiza nalabo abebenenkinga yezitifiketi zokuzalwa zezingane zabo, nalabo abanezithiyo zokwenza omazisi.
Abaholi bomphakathi nabo bathole ithuba lokwethula izinselelo ababhekene nazo emphakathini, okugqame kakhulu inkinga yendlala edalwa ukwentuleka kwamathuba omsebenzi, wukwanda kwezenzo zobugebengu emphakathini nokuswela ingqalasizinda yomphakathi.
Ungqongqoshe wethembise ukuqhubeka avakashele izindawo zasemakhaya aqondayo ukuthi zinezinselelo eziningi ezihlupha umphakathi, wethembisa nokuqhubeka abambisane nobuholi bomphakathi ezindaweni ezahlukene ukusiza ugcina umpahakthi ugculisekile.