MHLENGI SHANGASE
IZIKOLE ezikawonke wonke. Ngeke sikuvumele ukuthi kube nezikole okuzoba ngezohlanga oluthile, abanye bashiywe ngaphandle ngenxa yebala labo.
IZIKOLE ezikawonke wonke. Ngeke sikuvumele ukuthi kube nezikole okuzoba ngezohlanga oluthile, abanye bashiywe ngaphandle ngenxa yebala labo.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi, ephendula emuva kokuba i-DA ebiholwa nguFederal Chair uNkk Hellen Zille, imashele ehhovisi lakhe ikhala ngokuthi ufuna ukuqeda ngesiBhunu ezikoleni.
ULesufi ongahlonizi ngokuzonda ubandlululo, uthe akahlosile ukuqeda ngalolu limi kodwa akushoyo ngukuthi zonke izingane azifunde ndawonye, ziphinde zidlale ndawonye.
Uthe ngeke akuvumele ukuthi kube nezikole zamaBhunu kuphela noma izikole okuzofundwa ulimi olulodwa, ezinye izilimi zingafundwa.
Uqhube wathi umthethosivivinywa wezemfundo iBasic Education Laws Amendment Bill (BELA) ihlose ukunika amandla izinhloko zeminyango yezemfundo ukunquma uma isikole sesigcwele. Okunye okuhloswe ngalo mthethosivivinywa osezithebeni zePhalamende, ngukuthi kube nezilimi ezehlukene zokufunda nokufundisa, izigwebo ezinzima kulabo abasashaya abafundi ekubeni induku yavalwa kanjalo nokubeka icala abazali abanqabela izingane ukuthi ziye esikoleni.
“Akumina owenza imithetho i-DA iyakwazi lokho ngoba nguNgqongqoshe kazwelonke (uNkk Angie Motshekga) owenza imithetho. Lo mthethosivivinywa uze uya ePhalamende nje, wagunyazwa yibona bonke ongqongqoshe bezemfundo okubalwa nowaseWestern Cape, lapho kuphethe khona i-DA. Wadwetshwa yizinhloko zeminyango okubalwa neyaseWestern Cape, ngakho leli qembu lavuma angazi kungani manje likhale ngalo mthetho.”
Uthe ipolitiki eyenza ukuthi leli qembu lize libhukule ngoba libone ezinye izinhlangano ezilwela amaBhunu zisukuma zilwa nalo mthethosivivinywa
“Ngeke sikuvume ngiyaphinda ngiyasho, ukuthi kube nezikole zabathile. Angisizondi isiBhunu, ingane yami ifunde esikoleni samaBhunu. Negama lami ngiwuHendrick, ngakho ngingasizonda kanjani isiBhunu? Kungani kungavunyelwa ukuthi izingane zifunde ndawonye ezikoleni kodwa emanyuvesi zifunda ndawonye?”
Uthe okucasula kakhulu wukuthi kunquma labo ababezuza ngesikhathi sobandlululo akuzona izigungu zabazali ezizonquma uma isikole sesigcwele.
“Kulezi zikole bayakuchitha uma unelinye ibala futhi ungeke ukwazi ukukhokha. Bathi kugcwele hamba uyohlala ekhaya. Esifuna ukukwenza ngalo mthetho ngukuthi kube inhloko yomnyango ezonquma uma isikole sigcwele bese ingane iyiswa kwesinye isikole esingagcwele.”
Emashini ye-DA ebihlelwe abakhulumela leli qembu kwezemfundo, uLesufi ufuna ukuphuca amandla izigungu zabazali ngendaba yolimi okumele lufundwe ezikoleni, ifuna kuchithwe lo mthethosivivinywa.
Leli qembu lifuna uLesufi axolise ngokweseka lo mthethosivivinywa aphinde aphoqe uNkk Motshekga ukuthi awuhoxise.
Lifuna kubhekwane nezinto ezithinta imfundo.