SISATHUNGATHWA isidumbu somfana oneminyaka ewu-13 wakwa J eMlaza ominze emfuleni wendawo ngeSonto.
Ngokusho komthombo ozifikele mathupha endaweni yesehlo, amalungu omphakathi aphuthume kule ndawo yesigameko emva kokuba aziswe yizingane ebezibhukuda nalo mfana ukuthi useminzile.
Umthombo uthe beziziningi izingane ebezibhukuda, zikhipha ukushisa njengenjwayelo kulo mfula.
“Bathe ngesikhathi bebhukuda, baqaphele ukuthi umngani wabo usithela unomphela ngaphansi kwamanzi. Bathe baphume ngaso leso sikhathi bayobiza abantu abadala ukuthi bazolekelela,” kusho umthombo.
Uthe abantu abadala bathe uma befika endaweni yesehlo bafonela abosizo oluphuthumayo ukuba bazozama ukumbheka umfana emanzini.
“Ukubhekwa kwakhe kusaqhubeka kanti ubengakatholakali namanje (esho izolo ntambama),” kusho umthombo.
Isolezwe alikwazanga ukufinyelela emndenini wengane ngoba kuthiwa ihlala nonina okwenzeke lesi sigameko engekho ekhaya.
Umthombo uveze ukuthi ngenxa yokuthi ubuye angabibikho ekhaya unina wengane, ubengakazi namanje ukuthi yehlelwe umshophi emfuleni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Nqobile Gwala, uthe bangakuqinisekisa ukuthi sikhona isigameko sokulahleka komuntu esibikiwe emaphoyiseni aseBhekithemba.
“Singakuqinisekisa ukuthi icala lokunyamalala komuntu livuliwe esiteshini samaphoyisa saseBhekithemba. Lokhu kuza emva kokuthi umfana oneminyaka- engu13 eminzile ngesikhathi ebhukuda. Amaphoyisa asaqhubeka nokumbheka umfana,” kusho uLt Colonel Gwala.