IZINYUNYANA seziveze ukuthi asikho isivumelwano okufinyelelwe kuso ngodaba lwesiteka sabasebenzi base-Eskom.
INational union Mineworkers (Num) neNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), okuyizinyunyana ezinamalungu amaningi e-Eskom, zithe okwamanje i-Eskom izibophezele ukuthi izobuyela ezingxoxweni kepha kasikho isivumelwano esesiyaniwe.
Lokhu kulandela ukuthi uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, izolo, ethe balindele ukuthi bonke abasebenzi babuyele emsebenzini ngoLwesithathu.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uGordhan uthe bayakujabulela ukuthi umqashi uvumile ukuthi kuyiwe ezingxoxweni kodwa kubalulekile ukuveza ukuthi akukakafinyelelwa esivumelwaneni okwamanje.
“Siyathemba ukuthi abasebenzi bazobuyela emsebenzini namhlanje bese kuqala umsebenzi wokukhuculula eziteshini ezithintekayo. Kuzolungiswa ingqalasizinda nemishini emoshekile. Silindele ukuthi eminye imishini kagesi isebenze ngoba bazobe sebebuyile abasebenzi abayibhekelele. Lokhu kuzosisiza ukumisa isigaba sesithupha sokunqamula ugesi,” kusho uGordhan.
Kodwa okhulumela iNum, uMnuz Livhuwani Mammburu, uthe abakwazi ukuthi bathi kunenqubekela phambili mayelana nokubekwe etafuleni.
“Lokhu sikusho ngoba kusadinga sibuyele emuva siyoxhumana namalungu ethu, siwatshele ukuthi kunesiphakamiso esesibekwe wumqashi etafuleni,” kusho uMammburu.
Uthe lokhu okubekwe wumqashi phezu kwetafula yinto abasazoyihambisa emalungwini abo ngoLwesihlanu.
“Sifuna ukukubeka kucace ukuthi okushiwo uGordhan ukuthi kukhona isivumelwano osekufinyelelwe kusona nezinyunyana, kuyisitatimende esingafanele ngoba akukho esesivumelele ngakho,” kusho yena.
Uthe kuzoba ngemva kokuba sebekuhambisile emalungwini abo lapho kuzocaca khona ukuthi bayakwamukela yini okubekwe wumqashi phezu kwetafula noma cha.
UMnuz William Mabapa, onguNobhala-Jikelele we-Num, ucele abasebenzi ukuthi babuyele emsebenzini ngoba kukhona umnyakazo e-Eskom njengoba isivumile ukubuyela ezingxoxweni.
UGordhan uveze ukuthi njengoba kusebusika, i-Eskom idinga ugesi owu-32 000MW ukuze kuhlale kukhanya kodwa awukho lowo gesi.
“I-Eskom ivamise ukukhiqiza ugesi owu-28 000 kodwa ebusika kuye kudingeke ukuthi ikhiqize othe xaxa. Njengamanje kunogesi owu-6 000MW ongekho phezu kwalowo ongekho ngenxa yemishini efile.
“Siyacela zonke izinhlaka ezithintekayo odabeni lwase-Eskom ukuba zihlale phansi ukuze kutholakale isixazululo sesiteleka,” kusho uGordhan.
UGorhan uthe akekho ozuzayo ngesiteleka esingekho emthethweni ngoba sishaya umnotho nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Kusukela ngoJuni 22, kwezinye iziteshi zikagesi, u-90% wabasebenzi ubungezi emsebenzini. Lokhu kulimaza izinhlelo zokukhulisa umnotho, izimboni nabantu emakhaya,” kusho uGordhan.
Wehlise amaphaphu kubantu baseNingizimu Afrika ngokuthi izwe ngeke libe mnyama bhuqe njengoba i-Eskom ilokhu inqamula ugesi.