KUSHONE elayizolo esendiza amabhanoyi eMango Airlines emuva kokuthi i-Airports Company South Africa (Acsa) iwamisile ngenxa yokuthi ibikweletwa.
Izolo, abantu bebethukuthele beveva ukuthi amabhanoyi akwaMango awahambi kwazise le nkampani inamabhanoyi angambi eqolo.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, iMango ithe iyakuqinisekisa ukuthi amabhanoyi ayo abengahambi ngenxa yokukweleta i-Acsa kodwa yenza konke okusemandleni ukuthola isisombululo.
I-Acsa ikuqinisekisile ukuthi iwamisile amabhanoyi eMango ngenxa yokuthi le nkampani ibikweleta kodwa kuthe emuva kokuthi ikhokhile, amabhanoyi avunyelwa ukuthi andize.
I-Acsa iveze ukuthi ibe nezingxoxo neMango lapho lezi zinkampani zifinyelele esivumelwaneni sokuthi isikweletu sizokhokhwa kanjani.
IMango ibe isikhokha ingxenye yesikweletu yase ivunyelwa ukuba ihambe.
Kuvela ukuthi iMango ikweleta imali ekhokhwa ngamabhanoyi uma ehlala ezikhumulweni zezindiza, eyokupaka nekhokhelwa abagibeli abangamakhasimende eMango.
I-Acsa ithe ngeke ikwazi ukudalula imininingwane ngesikweletu seMango kanjalo nesivumelwano okufinyelelwe kuso.
UNkk Phakamile Hlubi-Majola okhulumela iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), emele abasebenzi beMango, uthe ngabe awamiswanga amabhanoyi akwaMango ukube uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, wavuma ukuthi le nkampani ihlengwe.
“INumsa neCabin Crew Association of South Africa (Sacca) yacela uGordhan ukuthi uma efaka iSouth African Airways (SAA) ngaphansi kohlelo lokuhlengwa afake nezinkampani ezingaphansi kwayo kodwa akazange alalele. Wanika iSAA imali kodwa izinkampani ezingaphansi kwayo akazabelanga lutho. Sikhathazekile ngekusasa labasebenzi baseMango ngoba yize beholile ngo-Ephreli asazi noma bazohola yini ngoMeyi,” kusho uNkk Hlubi-Majola.