Izindaba

Asevuliwe amanye amabhishi aseThekwini

Simphiwe Ngubane|Published

The 2002 December holiday crowds on Durban\'s beachfront / Holdiay makers visting Durban\'s golden mile / Durban beach

UTHATHE isinqumo sokuvula amanye amabhishi awo namhlanje uMasipala iTheku emuva kokuwavala kusuka ngo-Ephreli ngenxa yokwesabela igciwane, i-E-coli.

Abantu sebengaya kokwenza imisebenzi yesint neyesonto emabhishi asejThekwini abekade evaliwe Isithombe: Bongani Mbatha: African News Agency /ANA

Lokhu kushiwo okhulumela lo mkhandlu, uMnuz Msawakhe Mayisela.

Umkhandlu uthi imiphumela yocwaningo olwenziwe ngamanzi asolwandle iveza ukuthi lehle kakhulu leli gciwane.

Ngokusho kukaMayisela, sekuphephile ukubhukuda olwandle oluseManzimtoti, eWarner, eMgababa, eMhlanga, eMdloti, e-Addington, eBronze, eBay of Plenty, eWedge, eNorth Beach, eCountry Club, eShaka Marine, eBattery Beach, eSouth Beache nasePhoyinti.

Umasipala wathatha isinqumo sokuwavala lamabhishi namanye ngo-Ephreli ngenxa yokudlanga kwe-E-coli emuva kwezikhukhula.

UMayisela uthe umasipala ubulwenza nsukuzaphuma ucwaningo ngamanzi asemabhishi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi agcina esezingeni elamukelekile.

Kunamabhishi asavaliwe, okungavumelekile nhlobo ukubhukuda kuwona okwamanje, okugunyazwe kuphela ukwenziwa kwezinto ezithinta amasiko nenkolo.

Lapha kubalwa ibhishi laseMkhomazi, eMhlanga Rocks Lighthouse, Beachwood Mangrove, eMdloti tidal Area, eCasuarina oThongathi, eGranny’s Pool, eBeachwood, eThekwini Beach naseSuncoast.

UMayisela ucele umphakathi osebenzisa amabhishi asavaliwe ukuthi ubabekezelele njengoba besaqhubeka nokuxilonga la manzi ukuthi ingakanani i-E-coli kuwona.