UKHOMISHANA wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Khehla Sitole, uthi amaphoyisa awenzanga okwanele ukunqanda isimo ngesikhathi kusanda kuqala izibhelu zangoJulayi, ezibonakale ezifundazweni ezimbili iKwaZulu-Natal naseGauteng.
USitole ubekhuluma ngesikhathi evele phambi kwesigcawu seKhomishini yamaLungelo Abantu okuhloswe ngayo ukuthola okwaholela kwizibhelu zikaJulayi.
Uthe amaphoyisa ayetshaliwe ayehlinzekwe ngokwanele, wathi kodwa sasikhona isidingo sesibalo samaphoyisa anele ukubhekana nalesiya simo.
“Kumele ngabe senza kangcono. Kwakumele isimo siqashwe ngelokhozi ekuqaleni. Ngenxa yokuthi kwakungokokuqala sibhekana nesimo esinje, kwagcina sekushoda izinsiza,” kuchaza uSitole.
Ebuzwa ukuthi useke waxhumana yini nemindeni yabagilwa, uthe ngokomthetho akavunyelwe ukwenze njalo ngoba kuyaphenywa, ngoba lokho kungaphazamisa ukuqhubeka kophenyo.
Uthe ngesikhathi kusuka izibhelu, bonke babetshalwe ezindaweni ezehlukene, yena wayebeke iso ezifundazweni eziyisikhombisa okungabikwanga zibhelu kuzo, kanti noma ubengekho ezifundazweni okwabikwa kuzona izibhelu, kodwa wayeyithola imibiko ethembekile kokhomishana bamaphoyisa ezifundazweni ezazithintekile.
Uthe asikabi khona isibalo esiqondile ngabashona kulezi zibhelu, njengoba izidumbu zatholakala ngezikhathi ezahlukene, uphenyo alukaphothulwa. Uveze ukuthi o-ova bokuxhumana ngabo amaphoyisa sebenziwa ngcono.
Uthe lapho kwakunenkinga yokuxhumana phakathi kwamaphoyisa, kwakusetshenziswa amaselula, ngakho ngeke kwathiwa inkinga yokuxhumana kwamaphoyisa yaba yimbangela enkulu yokuphuma kwesimo esandleni, kodwa imbangela ukushoda kwezinsiza nokuthi yikuphi okwakuzokwenziwa ukubhekana nesimo.
Ikhomishini iyaqhubeka.