UMBHEKISENI "MaSuprise" Khumalo weRoyal Messengers
Image: SIGCINIWE
USKHUMBUZO "Mavulakuvaliwe" Mhlongo weZulu Messengers
Image: SIGCINIWE
ASENGAMATHE nolimu amaqembu esicathamiya abeyinkukhu nempaka, iZulu Messengers yaKwaHlabisa neRoyal Messengers yaKwaNongoma. Ukuheleza komoya wokuthula phakathi kwala maqembu kucace bha okwekati elimnyama ohlungwini ngesikhathi kubonakala amalungu eZulu Messengers enandisa ndawonye naweRoyal Messengers emcimbini obusehholo lomphakathi waseMagabheni, eThekwini ngempelasonto.
Ebuzwa ngale ngqophamlando, umholi weZulu Messengers, uSkhumbuzo "Mavulakuvaliwe" Mhlongo, uthe wahlala phansi nomholi weRoyal Messengers, uMbhekiseni "MaSuprise" Khumalo ngokuba bangabe besaqhubeka nokungcofana ngezingoma.
"Ngamtshela ukuthi mina ukungcofana nabo akungisebenzeli, ngathi yena engaqhubeka nakho uma kumsebenzela," kusho uMavulakuvaliwe. Uthe wagcina ukungcofana noMaSuprise ema-albhamini amadala. "Kusukela kwi-albhamu ethi Iyatelebhela Injomane, Umthwalo Uzethule, Indod' Eqotho nethi Unontandakubukwa, bengingasangcofi muntu."
Echaza ngokubonakala kwamalungu akhe ecula neRoyal Messengers, uMavulakuvaliwe uthe kuqale nyakenye emcimbini owawuseYMCA.
"Kwasuka amalungu eRoyal Messengers akhwela esteji, acula nathi."
UMaSurpise uthe lolu bumbano nozwano lusho ukukhula emculweni wesicathamiya.
"Nami kunginike ukuthi la malungu asefike kuleli qembu lomkhaya ayawuqonda umdlalo wezinsizwa. Kusho ukuthi zehlukile ngokucabanga ngalo mdlalo womculo, azifani njengalezi ebezicula ngaphambili kumkhaya. Lokhu kusho ukuthi basazojabula abalandeli bethu nomkhaya ngoba bahlezi beyifisa le nto abayibone ngempelasonto, eMagabheni lapho ezami zithole khona unombolo 2."
Eqhuba uMaSuprise uthe namanje abantu bayafona futhi bayancoma ngesenzo somkhaya kanye nezami ngokudlela ogqokweni linye. Uthe lo moya wokuzwana usazoqhubeka kakhulu ezinsizweni eziphuza iMona neziphuza iMpelwanyane.
"Kusangenzeka nangale mpelasonto njengoba iRoyal Messengers izobe inandisa eYMCA," kuphetha uMaSuprise othe usemalungiselweni okukhipha unqambothi lwe-albhamu kulo nyaka. Impi yamazwi phakathi kweZulu Messengers neRoyal Messengers beyishube ngale ndlela yokuthi iZulu Messengers yake yasikaza ukushiya emahholo ngoba sekukhona nokunukana phakathi kwabo.