UMNDENI wowayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, uthi ubungazi lutho ngofakazi kuleli cala okuthiwa washona.
Ufakazi uMnuz Thabang Makeleni kuvele kwabezindaba ukuthi wayenikeze amaphoyisa isitatimende ngokufa kukaMeyiwa.
Okhulumela amaphoyisa, uBrigadier Vish Naidoo, ukuqinisekisile ukuthi ukhona ufakazi owashona kodwa akuyena oqanda ikhanda.
“Kukhona ufakazi ecaleni likaMeyiwa owashona, akuyena ufakazi oqanda ikhanda. Udaba oludala lolu ngoba washona ngonyaka odlule. Sasithathe isitatimene kuye,” kusho uNaidoo.
Uthe ukushona kwakhe akuzange kuphazamise lutho ngoba icala lisaqhubeka futhi lisenkantolo.
Akazange adalulwe okwaholela ekushoneni kwakhe.
Uthe konke lokho kuphenywa amaphoyisa.
Eminye imibiko yabezindaba ngokushona kwakhe iveza ukuthi wadliswa ushevu.
Amaphoyisa akazange akuqinisekise lokhu ngaphandle kokuthi uphenyo lusaqhubeka.
Umfowabo kaMeyiwa, uMnuz Sfiso Meyiwa, izolo uthe akamangali nakancane ngokwenzekayo ngoba amaphoyisa awabatsheli lutho bona.
Umyalezo weWhatsApp awuthumele Isolezwe uthe: “La maphoyisa abophe abantu abahlanu, awakaze axhumane nomndeni. Nale ndaba kafakazi abakhuluma ngaye asiyazi, vele ayikho into esiyikholwayo eyenziwa yibo.”
Kumanje abamangalelwa abahlanu oMnuz Muzikawukhulelwa Stembu Sibiya (34), Bongani Sandiso Ntanzi (30), Mthobisi Prince Mncube (36), Mthokoziseni Ziphozonke Maphisa (35) noSifokuhle Sifiso Nkani Ntuli (34), babekwe icala lokubulala uMeyiwa.
Icala lahlehliselwa uNovemba 27. Abamangalelwa basesitokisini ngoba kwavela ukuthi abaningi babo bavele batokile ngamanye amacala.