A voter cast their ballot paper into a ballot box at a polling station during the general election in Soweto, South Africa on Wednesday, May 8, 2019. While opinion polls point to the ruling African National Congress extending its quarter-century monopoly on power in Wednesdays vote, South African President Cyril Ramaphosa needs a decisive win to quell opposition in his faction-riven party to push through reforms needed to spur growth in Africas most-industrialized economy. Photographer: Waldo Swiegers/Bloomberg
ABHEKENE nomqansa amaqembu angenele ukhetho lukazwelonke ngoMeyi 29, 2024 KwaZulu-Natal njengoba kudingeka ukuthi athole amavoti abalelwa ku-43 000 kuya phezulu ukuze athole izihlalo esiShayamthetho sesifundazwe.
Njengoba ohlwini lokuvota bengu-5.7 million esifundazweni ababhalisele ukuvota, uma bephuma ngothi lwabo ukuyovota lokhu kuyosho ukuthi sizonyuka kakhulu isibalo samavoti azodingeka njengoba engafinyelela nangaphezu kuka-50 000.
Lokhu kuvezwe yisikhulu sekhomishini yezokhetho esifundazweni i-Independent Electoral Commission uNkk Ntomb’futhi Masinga, obekhuluma emcimbini weSanef izolo eThekwini.
Uthe kuzwelonke kuzoba ngumqansa kakhulu ngoba cishe kudingeka amavoti abalelwa ku-80 000 ukuze uthole isihlalo.
UNkk Masinga ungathekise ngokuthi uma kuvota u-60% wababhalisile esifundazweni, kuzodingeka ukuthi umuntu athole amavoti asuka ku-43 000 kuya phezulu. Lesi sibalo sifaka ngisho noyedwa ongenele ukhetho ngokuzimela eKZN.
“Uma sanda isibalo sabavoti lokho kuyosho ukuthi siyanda nesibalo samavoti adingekayo ukuze uthole isihlalo.
“Uma sehla isibalo sabavoti sizokwehla nesibalo samavoti adingekayo ukuze uthole isihlalo,” kusho uNkk Masinga.
Ezweni lonke bangu-12 abangenela ukhetho ngokuzimela njengoba kuzobe kuqala ukuthi kulolu khetho babe yingxenye yalolu khetho.
UNkk Masinga uthe abalelwa ku-33 amaqembu azongenela ukhetho esifundazweni.
Uveze nokuthi uma kwenzeka kuvuleka isikhala ePhalamende likazwelonke ngeke kube nokhetho lokuchibiyela njengoba kwenzeka, kodwa kuyofakwa igama lobelandela ngamavoti.
Uveze ukuthi ngesonto elizayo kuzoba nomcimbi wokusayinwa kwesibopho kwamaqembu azongenela ukhetho ukuthi azohlonipha imigomo yalo.
Lo mcimbi uzoba se-Inkosi AlbertLuthuli International Convention Centre eThekwini ngo-Ephreli 17.
Uveze ukuthi azikho izindawo ezingo-alubhadwa abangakwazi ukufinyelela kuzona esifundazweni.
“Asiboni ukuthi kungafika esimweni sokuthi endaweni ethile size sithi sizohamba namasosha ukuya khona ngoba singakwazi ukungena.
“Sisebenzisana namaphoyisa nophiko lwezokuphepha esifundazweni olufaka namaqembu ahlukene ezepolitiki,” esho.
Uthinte nodaba okuhlale kugxekwa ngalo ikhomishini lokuqasha othisha abangamalungu eSadtu.
I-EFF isanda kukhala ngokuthi ayifuni kuqashwe amalungu ale nyunyana ngoba idlelana ne-ANC.
“Awukho umthetho othi umuntu okwinyunyana akaqashwa ukusebenza ngesikhathi sokuvota.
“Abangavumelekile yilabo abanezikhundla kwinyunyana kanti asikwazi ukubashiya ngaphandle othisha ngoba bewuSadtu.
“Sinalo uhlelo namaqembu ahlukene ne-EFF eyingxenye yalo lokuthi siwanike uhlu ukuze afake isikhalazo ngabasuke beqashiwe, kuphetha uNkk Masinga.
Related Topics: