AMAQEMBU aphikisayo azamukele ngazo zombili izindaba zokuhoxiswa kukaNkk Zandile Gumede njengeMeya yeTheku eziputshuke ngoMsombuluko ebusuku.
I-ANC noma ingakaziqinisekisi lezi zindaba, imithombo ebihambela imihlangano yobuholi be-ANC esifundazweni ngodaba lukaGumede ikuqinisekisile ukuthi kunqunywe ukuthi axoshwe. Kubikwa ukuthi ngeke kugcine ngaye njengoba neMeya yaseMsunduzi uMnuz Themba Njilo naye kuvela ukuthi uyaxoshwa.
I-EFF ithe iyasamukela isinqumo se-ANC futhi isilindele ukuthi athathelwe izinyathelo amakhansela awu-62 asolwa ngenkohlakalo emkhandlwini. USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza, uthe bakholelwa ukuthi lawa makhansela azoboshwa kungekudala.
“Ekugcineni sekuze kwasa kwi-ANC, yenza into efanele,” kusho uKhoza. Uthe kumele kulandele imeya yaseNewcastle uMnuz Ntutthuko Mahlaba oboshwe ngo-2017 esolwa ngokubulala umholi we-ANC Youth League uMnuz Wandile Ngobeni.
“Njengoba esexoshiwe uGumede silinde ukubona ebhekana nengalo yomthetho,” kusho uKhoza othe umkhandlu weTheku kumele uphathwe ubuholi besikhashana kuvotelwe ubuholi obusha.
Umholi weDA eThekwini uNicole Graham uthe kuseyigxathu lokuqala ukuxoshwa kukaGumede. Uthe ukuxoshwa kwakhe kuwumphumela wengcindezi ebivela emaqenjini aphikisayo nabant abahlala kuleli dolobha abafuna uguquko. Uthe uphenyo ngendlela uGumede abephethe ngayo umkhandlu luveze ukuthi ‘ubewudla’ lo mkhandlu ngokuqinisekisa ukuthi bayazuza abasondelene naye ngesikhundla sakhe.
“Awakadalulwa amagama amakhansela awu-62 asolwa ngokusebenzisana noGumede ngesikhathi eqhuba imisebenzi yakhe yenkohlakalo. I-ANC nomkhandlu kumele bathathele lawa makhansela izinyathelo axoshwe,” usho kanje.