ASEZWAKALISE ukungenami amaqembu aphikisayo ngokubuyiselwa komunye wabasebenzi bakamasipala weTheku othinteka emacaleni enkohlakalo nokukhwabanisa nalowo owayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede.
UMnuz Robert Abbu, oyisekela nhloko emnyangweni wokuqoqa udoti (DSW) ufakwe kwesinye isikhundla emnyangweni kagesi khona kumasipala weTheku.
Kubikwa ukuthi lesi sinqumo sithathwe ukuze abasebenzi abathinteka ecaleni lenkohlakalo yethenda yokuqoqa udoti kaR208 million angagxambukeli ophenyweni oluqhubekayo. IMenenja yeDolobha laseThekwini uMnuz Sipho Nzuza uqinisekisile ukuthi u-Abbu ushintshelwe emnyangweni kagesi ngoba oKlebe besaqhuba uphenyo.
OKhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela uthe ukushintshwa kuka-Abbu kugqugquzelwe yimigomo yakhe yebheyili.
U-Abbu, uMnuz Sipho Ngcobo oyimeneja yezokuphakela kanye noMnuz Hlenga Sibisi baboshwa ngoMeyi ngemuva kophenyo lwamathenda olwenziwa uphiko loKlebe lweNational Clean Audit Task Team. OKlebe babopha laba bobathathu kanye nabanye abayisithupha mayelana nethenda lokuqoqa udoti likaR208 million. Bonke bangaphandle ngebheyili kaR50 000 ngaphansi kwemigomo ethi bangahlangani nofakazi kwiminyango abasebenza ngaphansi kwayo. Kukholakala ukuthi labo abanikwa amathenda bakhokhelwa izindodla zemali kodwa bangawenzi umsebenzi.
Owayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede kanye nekhansela uMnuz Mondli Mthembu nabo baboshwa mayelana nalolu daba bakhishwa ngebheyili kaR50 000 umuntu eyedwa. NgoLwesine, imizi kaGumede neka-Abbu, uMthembu kanye noNgcobo yagaselwa uphiko loKlebe olushaqa impahla ukushaqa impahla engalinganiselwa kuR51 million.
Umholi weDA uNkk Nicole Graham uthe kumele bamiswe abasebenzi ababhekene namacala enkohlakalo. Uthe abakuqondi kahle ukufakwa kwabo kwezinye izikhundla emkhandlwini.
"Kumina lokho akuwenzi umqondo, ngoba uma bebhekene namacala abucayi kanje, kungani bengamiswa? Kungani beshintshelwa kweminye iminyango uma kukhona ubufakazi ngamacala abo? Kungani kusafanele baye emsebenzini ngoba bangaphinda benze lokhu abasolwa ngakho kweminye iminyango?" kusho yena.
UGraham uthe idolobha linelungelo lokumisa amamenenja asolwayo. "IHuman Resouces kufanele ibhekane nalokhu. Ngizobhalela idolobha ukubuza ukuthi ngubani othathe lesinqumo futhi kungani, ngoba lokhu kuba yinhlekisa," kusho yena.
Elinye iqembu eliveze ukungahambisani nalokhu yi-IFP. Ikhansela layo uMnuz Mdu Nkosi lithe belingazi ngokushintshwa kuka-Abbu, kanti uma kuliqiniso kuyisinqumo "esiyihlazo".